UMREPHA wakuleli usephumele obala wathi intokazi eyayethula uhlelo iLive Amp, uLuthando Shosha, ayikaze ibe umakhwapheni wakhe futhi ayiyona imbangela yokuphela komshado wakhe.
UReason uthwale kanzima abantu ezinkundleni zokuxhumana bemsola ngokungathembeki kunkosikazi wakhe asanda kuhlukanisa naye.
Ugxekwe ngemuva kokuthi le ntokazi ifake isithombe sabo ku-Instagram uReason eyiqabula esihlathini.
UReason ugxekwe abantu bethi le ntokazi ubethandana nayo esashadile njengoba enonyaka ehlukanisile.
Bese kunesikhathi kusolwa ukuthi bayathandana futhi begxekwa ngokuthandana kwabo.
UReason uphefumulile ngalolu daba enkundleni uTwitter ngemuva kwalesi sithombe wathi uzokubeka obala okwenzeka emshadweni wakhe.
Uthe ukhathele abantu abakhuluma into okungeyiyo nabangenaso isiqiniseko sayo.
“Okokuqala uLuthando akakaze abe umakhwapheni wami. Akekho umuntu owathatha omunye komunye. Iyekeni le nto. Yonke iminyaka eyisikhombisa ngishadile ubengumuntu engimaziyo futhi engimhloniphayo kule ndima esikuyo,” kusho uReason.
Uthe ngesikhathi ehlukanisa nonkosikazi wakhe kwaphela unyaka ngaphambi kokuthi athandane noLuthando.
“Sobabili sasingakulindele lokhu okwenzeka. Selokhu sathandana angikaze ngizibone kumele kube khona engimtshela ngezinyathelo engizithathayo ngoba konke engangikwenza akekho okwakumele ngimchazele ngakho,” kusho uReason.
Ngemuva kwale nkulumo uLuthando akazange athi vu ngale ndaba.