SEKUSUKE umbango phakathi kwezimeneja ezisebenze noLundi Tyamara oshone ngoLwesihlanu ezintathakusa, esibhedlela saseGoli i-Edenvale ngemuva kokuxinwa wumdlavuza.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo, umbango uphakathi kukaTshepo Nzimande owayephethe uLundi no-Anele Hlazo ashone eseyimenenja yakhe.
Umthombo uthe uTshepo noHlazo babanga ukuba ngabakhulumeli bomndeni nokuhlela umngcwabo.
UNzimande usevela njengomhleli womngcwabo kaLundi kanti ngakolunye uhlangothi uHlazo naye wenza izinhlelo.
Ngesikhathi ethintwa uNzimande, uthe uyalekelela ngokuqinisekisa ukuthi izinhlelo zomngcwabo zihamba ngendlela ngoba uLundi ubesefana nengane yakhe. “Mina nginenkampani yami yabangcwabi kodwa uLundi ngeke angcwatshwe iyona ngoba ngeke ngizibambele konke. Engikwenzayo mina ngukuqinisekisa ukuthi inkampani emngcwabayo isezingeni elifanele ukuze angcwatshwe ngesizotha. UHlazo anginankinga naye, konke kuhamba kahle. Inkonzo yesikhumbuzo sikaLundi izoba ngoLwesibili yena uzongcwatshwa ngempelasonto,” kusho uNzimande.
UHlazo uthe uNzimande uphawula kubantu abafuna ukwazi umlando kaLundi osebenze naye kakhulu.
“Ezinhlelweni zomngcwabo yimina kuphela ongathintwa hhayi omunye umuntu. Ngingakuqinisekisa ukuthi inkonzo yesikhumbuzo sakhe izoba ngoLwesibili eGrace Bible Church, ePimville, eSoweto bese umngcwabo uba ngempelasonto,” kusho uHlazo.
ULundi ubehlaselwe yisifo sofuba ebesimhlasele emathunjini nenkinga yesibindi.