OWAPHUMA kuTop 16 ku-Season 8 wama-Idols ngo-2012 ngoba amajaji ekhala ngokuthi usemncane, uthi lokhu kwamgqugquzela ukuthi afunde emaphutheni akhe.
URethabile Khumalo (22) waseSoweto uthe ngesikhathi engenela ama-Idols wayenethemba lokuthi uzofinyelela esigabeni sokugcina.
URethabile oyindodakazi yomculi uWinnie Khumalo uthe upheka i-albhamu yakhe yokuqala anethemba lokuthi izophuma ngenyanga azalwa ngayo uSepthemba.
Uthe yize akhishwa kuma-Idols kodwa wayeqhubeka esebenza nabanye abantu ababesendimeni yomculo.
“Ngavele ngalinda ukuqeda u-matric ukuze ngigxile kahle emculweni wami ngoba yinto engiyithandayo futhi esisegazini kimi,” kusho uRethabile.
Uthe esephothule u-matric wenze izifundo ze-jazz ekolishi eSouth West Gauteng.
“Ngifundele umculo we-jazz ngoba ngibona ukuthi umculo onganakiwe kodwa ongangisiza ngoba ngishaya nesiginci,” kusho uRethabile.
Uthe esephothule izifundo zakhe wahlangana noBass Mdlongwa oyingane ka-Oskido wabe esemsayinisa enkampanini yakhe i-Africa Lit. “Kungisizile ukulinda ngesikhathi ngitshelwa ukuthi ngisemncane ngoba sengikhiphe umucu wami wokuqala owenza kahle kakhulu othi Glad To Be Yours,” kuchaza uRethabile.
Uthe i-albhamu yakhe ngeke ibheke uhlobo olulodwa lomculo kodwa uzowuxuba ngoba akafuni ukuzivalela ngaphandle ngokucula uhlobo olulodwa lomculo.