UMLINGISI osanda kushiya kuZalo uKay Sibiya obelingisa indawo ka-Ayanda Mdletshe usezitholele ikhaya elisha kwiThe Queen edlala kuMzansi Magic (DStv Channel 161).
USibiya usanda kuba sematheni kulezi zinsuku ngodaba oluthinta unina wengane yakhe uZookey Zarling. Ekhasini leThe Queen ku-Instagram ababhali bomdlalo bakuqinisekisile ukuthi kukhona abalingisi abazobonakala. Igama likaSibiya likwabaliwe.
Abanye okuvela ukuthi bazojoyina lo mdlalo okhiqizwa abakwaFerguson, ongena ngo-9 ngoMsombuluko kuya kuLwesine, nguThembi Mtshali, Magic Hlatshwayo noPatrick Ndlovu.
U-Emma Ngomane weMzansi Magic ukuqinisekisile ukuthi kunabalingisi abasha abazobonakala kulo mdlalo maduzane.
“Asikho okwamanje isitatimende esibhaliwe ukuqinisekisa ukuthi bakhona abalingisi abasha abazobonakala nokuthi obani amagama abo.
"Abasha bazoqala ukubonakala kuleli sonto nasekuqaleni kwenyanga ezayo,” kusho * -Emma.
UShona Ferguson ongomunye wababhali bomdlalo enkundleni yokuxhumana iTwitter ufake isithombe ehlezi noKay nabanye abalingisi wabhala ukuthi uyakujabulela ukusebenza nethimba lakhe.
NoThembi Mtshali ufake isithombe ku-Instagram wabhala ukuthi ujabulile ukujoyina lo mdlalo futhi uzodlala indawo yokuba * -anti.
Kulesi sithombe unomlingisi uLoyiso MacDonald (Kagiso) noKea (Dineo Moeketsi).
Kuleli sonto kulindeleke ukuthi kubonakale uThembi Mtshali efika emzini waKwaKhoza.
Okumletha kulo muzi wukuhlupheka kwendodana encane yomfowabo (osashona), ayithola komunye umsebenzi wasezindlini kodwa ebe eganwe nguHarriet (Connie Ferguson).
Indodana wayithola kulo msebenzi agcina emxoshile.
Ngesonto eledlule sibuyile isisebenzi sizofuna umsebenzi sikhala ngokuthwala kanzima nengane.
UHarriet uyasixosha kodwa izinto ziba nzima uma sesitheleka no-anti okubonakala sengathi bazomthwalisa nzima uHarriet.
Omunye wabalingisi oqale ukubonakala kule nyanga kulo mdlalo uKhayakazi Kula odlala indawo kaGabisile onguweta endaweni yokudlela iBoi Corner.