IVALELISE ekhasini layo ku-Instagram intokazi ebithandwa ngabaningi, uJessica Nkosi, obethula uhlelo i-Our Perfect Wedding edlala kuMzansi Magic (Channel 161) njalo ngeSonto ngo-7 ebusuku.
Le ntokazi ibisithule lolu hlelo isikhathi esingaphezu kwenyanga.
UJessica ubebambele uThembisa Mdoda obesahlabe ikhefu.
Ebonga ngokunikwa ithuba lokwethula lolu hlelo uJessica uthe kuningi kakhulu akufundile ehambela imindeni eyahlukene.
“Ngikhalile, ngahleka ngesikhathi ngethula lolu hlelo oludinga ukuzimisela okukhulu. Nabantu ebengisebenzisana nabo bebengiphathisa okwendlovukazi,” kusho uJessica.
Uthe abesebenzisana nabo bebemvumela ukuthi abe ngumuntu awuyena wathi usebenze kahle kakhulu nabo.
“Abebeqondisa lolu hlelo bangiphathe kahle kakhulu. Bebengivikela ngisho elangeni benza konke okusemandleni ukuze ngihlale ngijabule. Ngibonga nabantu abavule amakhaya abo besamukela ngezandla ezithokomele. Bebesinika izindaba zabo zothando basixoxele konke. Lokho kusijabulisile,” kusho yena.
Uthe kwezinye izindaba ebezixoxwa naye ubegcina esekhala kwesinye isikhathi ahleke kodwa lokho kukodwa kumfundise lukhulu ngothando.
UJessica akagcinanga ngokubonga abalandeli balolu hlelo kuphela kodwa ubonge nakuThembisa Mdoda athe ubemethemba ngesikhathi enikezwa lolu hlelo wamchushisa nangokuthile.
“UThembisa lolu hlelo selufana nengane yakhe, ungithembile wanginika ingane yakhe, wayishiya nami. Nakuye ngiyabonga kakhulu. Ngiyathemba ukuthi umsebenzi engiwenzile naye uwushayela izandla, ngethemba nokuthi uphumule kahle,” kuchaza yena.
UJessica uthe ngesikhathi ezongena kulolu hlelo uThembisa wamtshela ukuthi izindaba azohlangana nazo zizomenza alubheke ngamanye amehlo uthando wathi ngempela lokho kwenzekile ngesikhathi esekulona.
Okhulumela iMzansi Magic * -Emma Ngomane uziqinisekisile izindaba zokuhamba kukaJessica wathi uThembisa uyabuya kulolu hlelo ngeSonto esiya kulo.