USOMAHLAYA wakuleli uTrevor Noah uphinde wahlabana ngendondo emqoka ngoMgqibelo emcimbini i-2017 Nickelodeon Kids Choice Awards.
Kulo mcimbi obuse-USC Galen Center, eLos Angeles, California, uNoah uhlabane ngendondo yeFavourite African Star.
Kulo mkhakha ubeqokwe noPearl Thusi, Wayde Van Niekerk bakuleli, Yemi Alade, Funke Akindele Bello baseNigeria noLupita Nyongo waseKenya.
Kule miklomelo, kuqalwe kwanxusa odado ababuka izinhlelo zalesi siteshi ukuthi bavote emikhakheni ehlukene njengoba ngoMgqibelo bese kunomcimbi omkhulu.
UTrevor uwina le ndondo nje ubesanda kuba sohlwini lwabayishumi abahamba phambili ephephabhukwini iTime Magazine.
Ebonga ukuthola le ndondo ohlelweni lwakhe uTrevor, uthe ubonga abakwaNickelodeon nodado, abamvotele emhlabeni wonke.
“Ngizizwa ngihloniphekile ukuphinde ngithole enye indondo. Ngiyabonga kakhulu," kusho uNoah.
Kulo mcimbi uhlelo beluphethwe nguJohn Cena, odume ohlelweni lwezidlakela iWWE Superstar.
Bekunandisa abaculi okukhona kubo uLittle Mix, Machine Gun Kelly obehambisana noCamila Cabello.
Kosaziwayo akade bekhona kubalwa kubo uNikki, The Chainsmokers, Nick Cannon, Ellen DeGeneres, Chris Evans, Kevin Hart, DJ Khaled, Demi Lovato, Chris Pratt, Rico Rodriguez, Zoe Saldana, JoJo Siwa, Zendaya nabanye.