SEKUVELE ukuthi uyaveva umculi wokholo uDeborah Fraser ngemuva kokuthelekelwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana, bemsola ngokuthi uyena ohamba ethi uRebecca usuke efuna ukubukwa uma ecula aze abambelele emabhokisini osaziwayo bakuleli uma bedlulile emhlabeni.
Kuthiwa uDeborah uthola imiyalezo evela kubantu abazibiza ngabalandeli baRebecca, bemsola ngokuthi ungomunye wabaculi abahleba uRebecca ngokujabula uma kushona usaziwayo.
Ngeledlule iphephandaba lesiNgisi eliphuma nsukuzonke libike ukuthi kukhona abaculi abakhuluma ngoRebecca, bathi usuke ejabulile uma kushone usaziwayo njengoba ekuthanda ukugijima ayocula eduzane kwebhokisi.
Kuthiwa laba baculi basho lokhu emngcwabeni kaLundi obuseKapa. Kuleli phephandaba uRebecca wavuma ukuthi ukuzwile lokho nokwamphoxa kakhulu.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni uthe, uDeborah ubhekene nobunzima bokuhlaselwa ngabalandeli bale ndlovukazi bemsola ngomona.
“Inkulu indaba, konke lokhu okuvela manje uDeborah akakwazi ukuthi kusuka kuphi futhi uma ebuzwa uthi yena akaze akhulume ngale ndaba, uyamangala uma esebona abantu bemhlasela kangaka,” kusho umthombo. UDeborah kuthiwa uyaveva ngalolu daba.
“Angazi yini edala ukuthi abantu basole mina ekubeni kwayena uRebecca akaze abize gama lomculi wokholo kodwa waveza ukuthi uzwile ukuthi kukhona abaculi abasho kanjalo,” kusho uDeborah.
Ubuze ukuthi abezindaba sebethole ngobani ukuthi kukhona imiyalezo ayitholayo.
“Angiyona into yokudlala, ngicela laba bantu abalokhu bekhuluma nami ngale ndaba bangihloniphe ngoba ngempela angazani nayo. Mina into uma ngingayithandi ngiyayikhuluma,” kusho uDeborah.
Uthe uma kuwukuthi uRebecca akayithandi into eyenzekile kungani engathathi izinyathelo zomthetho.
“Uma ebona kukhulunywa kabi ngegama lakhe ngabe uyababophisa abenza lokho. Mabavezwe obala abantu okuthiwa bamhleba. Angifune mfishimfishi mina engahlangene nami,” kusho yena.
Imizamo yokuthola uRebecca ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba engatholakalanga ocingweni lwakhe.