UZITHINTELE umsakazi woKhozi FM obhale ekhasini lakhe likaFacebook egxeka abakhindayo athe bayenga amadoda.
UKhathide ‘Tshatha’ Ngobe osakaza uhlelo lwantambana, iWoza Nabangani Bakho phakathi nezinsuku kulo msakazo, ufake isithombe sabesifazane ababili, isithombe sabo sithathwe ekhasini laseYadini Lounge, eMlaza wase ebagxeka ekhasini lakhe.
Laba besifazane bahleli phansi bagqoke izimpahla ezimfishane kuvela wonke amathanga.
“Ekugcineni bese kuthiwa amadoda izinja ekubeni zisukelwa izinja zizihlalele zinunuselwe ngamavenge, bese ziwanaphazake. Okufanele nikwazi wezintokazi ukuthi uma nigqoke kanje, izinsizwa ziconsa amathe qede zicabange umbhede. Uma uzitshela ukuthi insizwa ingacabanga umshado nokulobola, klibhi, ngeke ukubone lokho. Zinhle lezi zintokazi kodwa ukugqoka kwazo kuzehlisa isithunzi,” kubhala uTshatha.
Abanye abalandeli bakhe bebehambisana nakushoyo, abanye bakhwela bedilika kuyena.Abanye bathe kuyethusa ukuthi kube nguye okhuluma kanje ekubeni ekujwayele ukuhambela uMkhosini woMhlanga lapho kuvezwa khona amathanga namabele.
ULia Butler, uthe: "Ingabe uyasithengela yini izingubo...dololo. Kunabesifazane abagqoka izingubo ezinde nokuthiwa ubafanele umshado kodwa ingabe bona baphathwa ngendlela ehlukile? Ingabe bona abahlukunyezwa.”
Izolo zombili izingcingo zikaTshatha bezivaliwe, washiyelwa neSMS okushaye isikhathi sokushicilela engaphendulanga.
UMnuz Mbuyiselo Botha onguKhomishana weGender Commission and Equality, uthe:
“Abesifazane kumele bakhululeke ngendlela abafuna ukuba yiyo. Izinkulumo ezinjena zisibuyisela emuva nomzabalazo wethu wokuphakamisa amalungelo abesifazane. Lo msakazi unabalandeli ababukela kuye abangakuthatha njengeqiniso akushoyo, ikakhulukazi abafana abasakhula,” kusho uBotha.
Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago uyigxekile inkulumo kaTshatha athe iphambene nemigomo yabo.
“Ngiyazi abanye bazivikela ngokuthi bebekhuluma enkundleni yangasese engahlangene nomsebenzi. Esikwaziyo ukuthi abasebenzi bethu noma bekuphi bamele inhlangano yethu esingafuni isithunzi sayo simosheke. Ngeke sibavikele abantu abenza izinkulumo ezibudedengu kanje emphakathini. Uma sithola isikhalo ngalolu daba nakanjani sizothatha izinyathelo.”