UNTOKOZO "KO' Mdluli uyafisa ukuthi iqembu elambeka ezingeni akulo manje iTeargas libuye lihlangane lisebenze ndawonye yize kusekhona ukungaboni ngaso linye kulo.
Uthe ukungaboni ngaso linye okukhona manje eqenjini yikhona okudala ukuthi lingasebenzisani.
Enkulumeni abe nayo neSolezwe, uthe amagqubu asemakhulu kodwa ngesikhathi kuqubuka ingxabano eqenjini wayecabanga ukuthi kuyoshaya lesi sikhathi sekulunge konke.
“Kukhona abantu abangafuni ukuzehlisa. Ngale minyaka ngangicabanga ukuthi siyobe sesisebenzisana kahle sonke njengasekuqaleni. NjengeMafikizolo, indlela eyenza ngayo ihlukana yabuye yahlangana, buka manje ibuye ngezinkani okuyinto nami engangiyifisa kakhulu,” kusho uKO.
Uthe uyafisa kwehle intukuthelo kwabanye ayecula nabo ukuze konke kuhambe kahle.
UKO ubecula nezelamani oNtukza noMa-E kwiTeargas, yena uyaziqhathulula kule ngxabano.
“Ngisanda kukhipha icwecwe lami elisha iPretty Young Things. Ngijabule ukuthi ekugcineni kukhona umsebenzi wami ophinde waphumela emphakathini futhi. Esontweni lokuqala kuMashi kuzophuma i-video yayo le ngoma,” kuchaza uKO.
Uthe umatasa ngezimpahla zakhe njengoba ngesikhathi ziphuma kwaphela isonto seziphelile.
“Izikibha izona ezahamba kakhulu ngesikhathi ngethula izimpahla zami okokuqala, okwamanje ngimatasa kakhulu ngilungiselela ukukhipha izimpahla zasebusika,” kusho yena.
Uthe kuleli cwecwe usebenzisane noScales, Kam noTsoholo.
Ngaphansi kwesitebele sakhe iCashtime, uthe abasabheki abantu abafuna ukukhipha umculo kuphela kodwa kuningi manje abakwenzayo.
“Ngibonile ukuthi asingabhekani nomculo kuphela kodwa sesenza okuningi. Sisiza abantu abafuna ukukhula endimeni ngezindlela zonke abafuna ukuba nezimpahla zabo, abafuna ukumenenja osaziwayo konke sesiyakwenza ngaphansi kwalesi sitebele,” kusho yena.
Uthe kulo nyaka uzimisele ngokusebenza kanzima.