BAZODELISANA inkani eringini yesibhakela ngoMgqibelo eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini, osaziwayo asebezakhele igama emidlalweni ewuchungechunge iGenerations: The Legacy noMuvhango.
UGabriel Temudzani odlala indawo kaChief Azwindini noVuyo Dabula odlala indawo kaGadaffi kuGenerations bazohlangana eringini ukuvuselela uthando lomdlalo wesibhakela kubantu.
NgoMgqibelo kuzoba nomcimbi wama South African Boxing Awards (SABA) okuzonikezwa kuwo izindondo abadlali besibhakela abenze kahle.
Ngokusho kwabahleli bomcimbi, umdlalo wesibhakela yinto engasanakiwe futhi ebingasakhonjiswa kakhulu ngisho nakuthelevishini.
“Silethe labo saziwayo ukuze abantu bakhuthazeke babone ukuthi umdlalo wesibhakela usekhona futhi usathathelwa phezulu kakhulu. Kulo nyaka sizobe sigubha iminyaka eyisishiyagalombili. Sifuna ukubanga umsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba isiqubulo sithi “#BoxingIsBack,” okusho ukuthi isibhakela sibuyile,” kusho umgqugquzele weSABA, uTsholo Lejaka .
Uthe abalingisi benze konke okwenziwa ngabashayi-sibhakela abasezingeni lomhlaba kuleli naphesheya uma bezilungiselela izimpi ezinkulu.
“Sibaqeqesha ngempela njengoba kwenza abadlali besibhakela. Bangenile ngisho esikalini ukuze kubonakale ukuthi imizimba yabo ikulungele yini ukungena enkundleni yesibhakela,” kuchaza uTsholo.
Uthe abalingisi kade beqeqeshwa womakadebona esibhakeleni uJan Bergman noDingaan Thobela.
UTsholo uthe uThobela uqeqeqesha uGabriel kanti uJan Bergman yena uqeqesha uVuyo.
“Abantu abafike ngobuningi bezobona abalingisi bebambene enkundleni imizuliswano emibili. Konke okuzobe kwenzeka emcimbini kuzokhonjiswa bukhoma kuSABC 2 ngo-9.30,” kusho uTsholo.
Uthe bafihle induku emqubeni mayelana nezinto ezizobe zenzeka njengokuthi nje kukhona abanye abalingisi besifazane abazobe nabo beshaya iqupha.
“Baqale namhlanje nabo ukuzilungiselela. Nabo bazojima benze konke ukuze bangene enkundleni bekulungele ukuba kuyo. Ngeke siwasho kodwa amagama abo ukuthi bangobani, bazobonakala emcimbini omkhulu” kusho uTsholo.