SIKHULU isililo kubaculi bakuleli abangenelisekile ngokwenzeke emcimbini wamaMetro Awards akade engempelasonto, eThekwini.
Ezinkundleni zokuxhumana abaculi abadumile balokhu begxeke njalo ngendlela izinto ezenzeke ngayo.
Izolo abaculi abafana noBlack Coffee, Khuli Chana, Yung Swiss noKwesta baveze ukungenami kwabo.
URiky Rick yena akafihlanga ngosuku lwawo lo mcimbi wakhalaza esesiteji eyomukela indondo.
Ebhala ekhasini lakhe kuTwitter, uKwesta uthe "Angiyena umuntu othanda ukukhononda noma ngibe nomona kodwa ekugcineni siyasebenza ngomculo. Lokhu okwenzekayo umbhedo" kubhala eKwesta.
Never been a bitter fella. We keep working, we just about music. But in the end the bullshit must be called. Just got 4 missed calls from me
— WatchNgiyazfelaNgawe (@KwestaDaKAR) February 25, 2017
Uqhubekile wabonga abalandeli bakhe wathi abangazikhathazi babone ngathi kukhona abangakwenzanga kahle.
UBlack Coffee uqale washayela ihlombe URicky Rick owavalwa esakhuluma ngokunganakwa kwabaculi abenza kahle kodwa ekugcineni bavalelwe ngaphandle.
KuTwitter uBlack Coffee, uthe "Ngiyacabanga bese sithule isikhathi eside usebenzile Ricky Rick ngiyakuhlonipha kakhulu, uqhubeke njalo"
Uqhubekile wathi "Kade ngibuka umcimbi waMetro Music Awards ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi bagxile ekusakazeni".
Omunye umculi ozwakalise ukungejabuli ngalo mcimbi kube uKhuli Chana, obesemnxeni we-Best Music Video ngevideo yakhe ye-One Source, okuyindondo egcine inqotshwe uDu Boiz weMabala.
“Ngyabonga kubalandeli ngokugxeka indima yomculo ngokwenzeke kuma MMA’s, ngzoqhubeka nginyuse izinga ngize ngife,” kusho uKhuli Chana.
Thank you 2 the fans 4 SHITTIN on the industry 4 what happened at the MMA's,ill keep raising the BAR until u Put Flowers on me! #OneSource pic.twitter.com/Sf3vaO5t4I
— #ALLHAIL (@KhuliChana) February 25, 2017
Kuze kwangena ngisho nosopolitiki odabeni luka Riky Rick njengoba kuphawule nabe-EFF, uMbuyiselo Ndlozi noJulius Malema.
Ebhala kutwitter uNdlozi uthe, “uRiky Rick ngamanye amazwi uthi uthole indondo ngenxa yemali ayinikezwe iMabala Noise.”
So in short Riky Rick is saying he got the award because Mabala Noise's money gave to him... 🤔 #MMA16
— Mbuyiseni Ndlozi (@MbuyiseniNdlozi) February 25, 2017
UMalema yena ngakolunye uhlangothi uthe, “ siyamthanda uCaiphus Semenya noLetta Mbulu sidinga ukubenzela umcimbi wangempela wokubabungaza hhayi leshebbeen kaMam Rubby ebizwa ngama MMA eyoniwe iMabala Noise.”
We love Caiphus Semenya&Letta Mbulu,we need a proper event 2 honor them.Not this Mom Rubby's shebben called #MMA16 corrupted by Mabala noise
— Julius Sello Malema (@Julius_S_Malema) February 25, 2017