ABACULI kumele benze isiqiniseko sokuthi bazimaketha ngayo yonke indlela ekhona ukuze baqashwe ubuthaphuthaphu.
Lokhu kushiwo nguDJ waseSwazini kodwa ozinze kuleli, uThabo “Touch of Soul” Mnisi (26), onamakepisi asematheni ezitaladini zaseThekwini. Amakepisi akhe abhalwe ukuthi TOS.
UTouch of Soul ufike eNingizimu Afrika ngo-2010 ezofunda e-UKZN lapho enza khona iMasters kuHousing.
“Kubalulekile ukuziphusha nanoma yingayiphi indlela. Abantu bazokuqaphela futhi bakuhloniphe. Ngisho ungekho abantu bazokhuluma ngawe bese abahleli bemicimbi beyakuqasha,” kusho uTouch of Soul.
Uthe wayeqala eyozigayela yena izikibha namakepisi, abantu bagcina bewathanda.
“Ngangithi uma ngigqoke ikepisi abantu balicele. Babebuya bangitshele ukuthi nakubo kukhona abalicelile. Bekulokhu kwenzeka njalo ngaze ngagcina sengiwadayisa. Abantu bawa-oda emakhasini ami ezinkundleni zokuxhumana.”
Uthe usezokhiqiza namajakhethi namabhulukwe futhi ngeke agcine ngokuwadayisa ezinkundleni zokuxhumana. Uthe uzoba nezitolo ezingomahamba nendlwana.
“Ngizokwenza imicimbi engizofike ngidayise kuyo izimpahla. Owokuqala nje uzoba seBasement Lounge, eMgungundlovu. Olandelayo use-Absolute kuFlorida maphakathi nenyanga ezayo.”
UTouch of Soul usezakhele igama ezindaweni zobumnandi nasemicimbini yobumnandi eThekwini njengaseYadini Lounge
nase-Azar.
Uthe uqale ukudlala ngemuva kokufika kuleli wazifundisa.
“Uthando lomculo ngangivele nginalo. Ngangisebenzisa amathuluzi enganginawo nasesikoleni.