BANINGI abantu abangena emishadweni bengazi ngempela ukuthi umshado uyini futhi uma usukuleso sigaba kumele uziphathe kanjani.
Yingakho ibandla iTruevine Community Church eThekwini naseMgungundlovu likhethe ukuba nombuthano okhethekile, okuzodingidwa kuwena izindaba zothando nabaganene.
Lo mbuthano wenziwa ngaphansi kophiko okuhloswe ngalo ukuqinisa imindeni okuyiiStrong Families Foundation ngaphansi kwalo leli bandla.
“Kulokhu sizobe sikhuluma nabantu ababili abasebudlelwaneni. Abashadile sizobe sibacathulisa ngendlela okuyiyo okumele benze ngayo nokumele bayihambe. Abangakashadi sizobe sibahlomisa ngezindlela okumele benze ngayo izinto kulesi sikhathi bengakashadi,” kusho uPastor Thobi Zondi.
Uthe okuhle ngalo mbuthano wabo ozobe ubanjelwe ku-31 Bestgard House ekhoneni lika-Moore no-Sydney Roads eBerea eThekwini namhlanje, uzobe uhanjelwe uMo noPhindi Grootboom abasanda kubhala incwadi esihloko sithi: “Love Isn’t For Cowards’’.
Uthe bonke abazobe behambele lo mbuthano, bazonikezwa ithuba lokubuza imibuzo, nenkululeko yokuthi lonke uhlelo luhambe ngendlela yokuthi wonke umuntu azizwe ekhululekile.
“Lo mbuthano akuwona wabantu abasontayo kuphela. Wonke umuntu wemukelekile,” kugcizelella yena”.
Uthe inhloso yabo ukugqugquzela ukwakhiwa kwemindeni ephilile ngoba uma imindeni iphila lokho kusho ukuthi sizokuba nomphakathi ophilile.
“Njengenhlangano yenkolo sinikeza abantu amathiphu mayelana nokwakha imindeni ephilile ngaso sonke isikhathi,” kuchaza yena.
Uthe ngaso sonke isikhathi ngaphansi kophiko lwaleli bandla bafisa ukuthi isithunzi somshado sihlale sivikelekile njengoba benesiqubulo esithi: ‘’Kuyahlaleka Emshadweni”.