KUVELE ukuthi wayengumfundi ohluphayo ethanda nokulwa ummangalelwa okuthiwa wakhomba iphoyisa lesifazane laseNanda nge-AK47.
Ufakazi wombuso, uNksz Dlamini (19), ongadalulwanga igama lakhe ngenxa yokuthi usengumfundi ka-grade 10 osabayo selokhu kwenzeka lokhu utshele inkantolo ukuthi uyamazi umsolwa wesithathu ngoba wahamba esikoleni ngo-2013.
“’Umsolwa wesithathu ngiyamazi. Wayefunda esikoleni engumuntu ohluphayo futhi ethanda nokushaya ezinye izingane. Wagcina esikoleni ngo-2013, angibange ngisambona emuva kwalokho. Ngize ngambona ngoSepthemba 22 wonyaka odlule esekhomba iphoyisa lesifazane ngesibhamu esikhulu. Umsolwa wokuqala sasisuke naye esiteshini samaphoyisa wafika emuva kwami kwathiwa akahlale nami. Owesithathu nguye owayekhombe iphoyisa lesilisa ngesibhamu esincane. Angibasukeli ngababona kahle,” kusho uNksz Dlamini.
Ngesikhathi uNksz Dlamini etshela ummeli ukuthi umsolwa wesithathu ungumuntu ohluphayo abasolwa bobathathu bavele badla imihlathi, ufakazi wombuso waswaca kodwa waqhubeka nokuthi wababona kahle.
Abasolwa ngoSabelo Mkhize (26), Lindokuhle Mchunu (18) noSboniso Khubisa (19), babhekene namacala awu-12 okukhona kuwo elokubulala u-Sgt Vusumuzi Artwell Moyana, elokuzama ukubulala u-Sgt Jabu Precious Jojisa, elokuthumba amaphoyisa, amathathu okuphatha izibhamu, elokuphatha izibhamu bengenazo izincwadi zazo, elokweba impahla yombuso, elokulimaza impahla yombuso, elokuduna ngesihluku namanye amaningi.
“Angimsukeli umsolwa wokuqala njengoba ngimkhomba ukuthi nguye owajikela amaphoyisa nabangani bakhe ngoba ngambona kahle ngesikhathi silinde amaphoyisa naye eMtshebheni. Wayephethe iphepha elimhlophe kwathiwa akahlale eduze kwami. Mina ngangihambisa i-Protection Order kubaba ngithunywe ngumama. Sathi sesifika eNamibia lapho ayeya khona wehla wawashiya amaphoyisa kanti uyolanda isibhamu njengoba bagcina sebewakhombe ngezibhamu,” kusho uNksz Dlamini.
Ummeli kaSabelo, uMnuz Emmanuel Celisa, uthe ikhasimende lakhe lithi alikaze liye esiteshini futhi lalingeke lithathe amaphoyisa liyowajikela emzini oseNamibia ngoba yikhaya elihlala kulo noyise. Icala liyaqhubeka.