U YELULAMA esibhedlela umfana oneminyaka engu-19, odutshulwe eNtshangwe esehlakalweni sakamuva okusolwa ukuthi kusaqhubeka umbango wezepolitiki kulendawo.
UZamo Ngcobo udutshulwe esiswini, ehlombe nasethangeni ngabantu abangaziwa abangene kubo ngoLwesine ebusuku.
UNgcobo ngomunye wabantu ababili abadutshulwe ngeledlule, ngokusho komphakathi.
Abahlaseli kuthiwa basike ucingo bangena kubo kaNgcobo babe sebeyamdubula.
Udadewabo onqabile ukuzisho igama lakhe uthe basola ukuthi ukuhlasela kuhlobene nombango oqhubekayo wezepolitiki endaweni.
“Singamalungu eSACP, ngikholwa ukuthi kusaqhubeka impi ekhona yezepolitiki,” kusho udadewabo kaNgcobo.
“Asazi ukuthi uhlaselelweni, sizolinda yena aphume esibhedlela ukuze asho ukuthi kwenzekeni,” usho kanje.
Uthe kunovalo endaweni ngenxa yezigameko zokubulalana.
“Umfowethu udutshulwe ngoLwesine, ngoLwesihlanu kuphinde kwadutshulwa omunye umfana naye wasinda,” usho kanje.
Umthombo uthe uNgcobo uyisishoshovu seSACP kodwa akanasikhundla kuyona.
Uthe inkinga ekhona ukuthi sekufakwa nodlame lwakudala lwezepolitiki kulokhu kubulalana kwamanje.
Indawo yaseNtshangwe ikhungethwe izinkinga ngemuva kokuqubuka kwengxabano phakathi kweSACP ne-ANC.
Ngonyaka odlule kubulewe abantu abahlanu.
Obeyikhansela le-ANC phambilini kulendawo manje useyi-PR uMnuz Boy Shozi uthe bayazi ngezigameko zakamuva zokudubula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala bekungakaboshwa muntu.