CELANI SIKHAKHANE
U BONAKALA uqina umkhankaso we-ANCYL KwaZulu-Natal wokuthi ithole u-40% ezikhundleni zobukhansela njengoba isiphumele obala yeseka umfowabo wowayesishoshovu salolu phiko okunguMnuz Wandile Mkhize, owasocongwa ngo-2012 ebuya engqungqutheleni yenqubomgomo ye-ANC eyayiseGallagher Estate, eMidrand.
UMnuz Andile Mkhize oneminyaka engu-24 uhlabe umxhwele abaholi be-ANCYL ngokukhuthala kwakhe kwezombusazwe nokugcine kumdalela ugazi emphakathini wangakubo osufuna angene esikhundleni sobukhansela.
Umkhulumeli we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Mkhuseli Sondzaba, uthe nakuba i-ANC inemigudu eyilandelayo kodwa bazokujabulela ukuthi igcine ivumela uMkhize ukuba ayimele njengekhansela.
“Okokuqala iminyaka yakhe izosiza ekutheni intsha elingana naye eneminyaka engaphansi kuka-25 izibone nayo iyingxenye yezepolitiki. Okunye kuzolekelela ekutheni sibone kuguquka izindlela zokusebenza kwamakhansela zakudala ukuze zihambisane nendlela yesimanje evuna nesimo esiphila kuso. Okunye wukuthi abantu abaneminyaka kaMkhize bazosiza ukuthi sibone nezinhlelo zomphakathi zisakazwa ko-Instagram nakoTwitter nakwezinye izinkundla zokuxhumana lapho kugcwele khona intsha kunokusetshenziswa kwemibhobho. Ngaphandle kwalokho uMkhize usikhombisile ukuthi umzabalazo kamfowabo okunguWandile uyawuqhuba yize esemncane,” kusho uSondzaba.
UMkhize ubengunobhala wenhlangano yabafundi edlelana ne-ANC, iCosas.
Kumanje ubonakala ehla enyuka ngakubo kwaNzimakwe ku-ward 10 namanye amalungu omphakathi besiza abantu abampofu abawelwa izindlu bebanikelela amaphasela okudla.
I-ANCYL kuzona zonke izindawo ehamba kuzo isikusebenzisa njengetemu layo ukufuna intsha engu-40% ezikhundleni zobukhansela.
Ngokujwayelekile kubonakala abantu abadala ku-ANC kuyibo ababaphambili ezikhundleni zobukhansela nobuMeya.
Inhlangano ephikisayo iDA yiyo ebivamise ukubonakala iba nentsha eneminyaka engaphansi kuka-25 eyenziwa amakhansela okubalwa uNksz Mbali Ntuli noMnuz Hlanganani Gumbi.
I-IFP nayo ivamise ukubonakala ibeka phambili abantu abadala kodwa ngonyaka odlule kuqopheke umlando oLundi ngesikhathi kukhethwa ibhungu elineminyaka engu-23 ukuthi libe yikhansela.
USihlalo we-ANC uMnuz Sihle Zikalala unxuse amalungu e-ANC ukuba alandele yonke imigudu yamagatsha yohlelo oluzohambisana nomphakathi wonkana lokukhethwa kwamakhansela.
Uthe lowo ozobe ekhethiwe ukuba amele i-ANC uma kufika ukhetho, kufanele amukele imiphumela bakhumbule ukuthi ekugcineni yinhlangano ekhethiwe ukuba imele umphakathi.
Amagatsha amaningi aseqalile ukuhlala ukuze akhethe amagama amathathu azoyiswa emphakathini bese abantu beqoka elilodwa. UMkhize ubemanqika ukuphawula waphetha ngokuthi yinhlangano yakhe enelungelo lokukhuluma ngendaba yamakhansela.