UPHOXEKILE umndeni wesitabane saseDube Village, eNanda esabulawa ngokugencwa ngoMashi njengoba umsolwa kuleli cala ethole ibheyili izolo.
Umndeni kaNhlanhla Mtshali (41), obedume ngelikaNhlanhlo, uthi usuqala ukuphelelwa yithemba ukuthi uzojeza umbulali ngemuva kokuthi umsolwa ephume ngebheyili, okuyinto obungafuni yenzeke.
UMnuz Sibheka Mkhwanazi wakhona eNanda okuthiwa ubesebenza endaweni edayisa izinkomo eBhambayi, izolo unikezwe ibheyili ka-R2 000 yinkantolo yeMantshi eNtuzuma.
Umsolwa waboshwa ngesonto okwangcwatshwa ngalo uNhlanhlo, okwase kudume nezinsolo zokuthi bebethandana naye.
Isidumbu sikamufi satholakala eduze kwendlu yakhe entathakusa sigenciwe. Ukubulalwa kukaNhlanhlo kwaba sematheni njengoba aphumela obala ngobutabane ngesikhathi abanye besasaba ngakho.
Kwaqubuka izinsolo eziningi ngokubulawa kwakhe abanye besola ukucwaswa ngobutabane, abanye bethi ubethandana nomsolwa.
Nokho umndeni kaNhlanhlo waziphika izinsolo zokuthi ubethandana noMkhwanazi owathi “akayona inhlobo yakhe.”
Izolo uMnuz Khayelihle Mtshali ongumfowabo kamufi uthe baphoxekile ngokuthi umsolwa athole ibheyili.
UMkhwanazi bekumele aphume kwakhona izolo kodwa umndeni wakhe ubungayilu-ngisanga imali.
“Kwase-kuqaleni into esasiyilwela wukuthi angaphumi ngebheyili. Kusiphatha kabi okwenzekile ngoba kasazi sizombukelwa ngubani emphakathini. Kuningi okusiphethe kabi ngaleli cala ngoba asiqondi kwenzekani, namathemba obulungiswa ayancipha. Inkantolo iveze ukuthi abukho ubufakazi obubambekayo obumatanisa umsolwa necala okuyinto esilahlisa ithemba. Kuyacaca ukuthi njengoba ethole nebheyili, kusho khona ukuthi icala lingase lingamlahli,” kusho uMtshali.
Icala ebelilokhu lihlehla selokhu kwaboshwa umsolwa, liqale ukubuyela enkantolo ngoLwesihlanu olwedlule umsolwa wafaka isicelo sebheyili. Ukubulawa kukaNhlanhlo kwathinta namalungu nomphakathi athe azokwenza isiqiniseko sokuthi uyajeza umbulali. Asole ukuthi ukubulalwa kwakhe kuhlobene nokucwaswa kwezitabane abathe kukhona abebengamamukeli kahle. Kwangenelela nabenhlangano yezitabane eThekwini abebekhona nasemngcwabeni bathi sekwanele ngokubulawa kwezitabane.
UMtshali uthe le nhlangano isabaseka ngoba isaqhubeka nokuthumela ezoyimela enkantolo. Icala lizobuyela enkantolo ngoSepthemba 7 khona eNkantolo yeMantshi eNtuzuma.