MINENHLE MKHIZE
Ebika eseGoli
K UVELE ukuthi ubalekiswe ngamakinati kuBidvest Wits uPatrick Phungwayo osesayine inkontileka yeminyaka emithathu ne-Orlando Pirates engompetha be-Absa Premiership.
Izindaba zokusayiniswa kukaPhungwayo ziqinisekiswe nguXolani Nhleko osebenzela iProsport International, inkampani ephethe izindaba zalo mdlali.
UPhungwayo uzofika kweZimnyama ashubise umbango wejezi ngakwesokunxele emuva. Kule ndawo uzophokophela ukukhipha esikimini uThabo Matlaba osefike waphenduka intandokazi kubalandeli bePirates ngenxa yebhola lakhe elihle eliya phambili. Abanye abadlali azobanga nabo ijezi ngoRubben Cloete noLizo Mjepu abalizwa ngendaba ijezi kuleli qembu elinqobe izicoco ezintathu amasizini amabili elandelana.
Ekhuluma ne Solezwe lo mdlali uveze ukuthi imali iyona emenze washiya kuWits.
“Yebo, sesiqedile nePirates, ngisayine inkontileka yamasizini amathathu,” kusho uPhungwayo ethula kancane.
“Angazi ukuthi ngingayichaza kanjani indlela engizizwa ngayo ngokusayina kuPirates. Wonke umuntu uyazibonela ukuthi iPirates njengamanje ibhala umlando ngapha nangapha, nami ngifuna ukuba ngomunye wabadlali bePirates abazohlale bekhunjulwa emlandweni waleli qembu. Manje senginezidingo eziningi kanti imali ebengiyithola kuWits incane kunengiyithenjiswe yiPirates. Angiyele imali kubona kodwa uma ungumdlali kumele ukhule ngazo zonke izindlela.”
KuBucs uzofike adlale nomngani wakhe omkhulu, uSifiso “Nsunda” Myeni, ahlala enaye isikhathi esiningi.
“Umbango wejezi angiwesabi futhi angizele ukuzothatha izindawo zabantu kuPirates. Engikufunayo wukudlala kanti umbango wejezi uzongenza ngihlezi ngisezingeni eliphezulu. Ngibuyela ekhaya lami elidala ngoba ngidlale kuPirates isikhathi esiningi eqenjini lokuthuthukiswa amakhono abafana abancane ngaphambi kokujoyina iWits. Uma ufuna ukuba ngumdlali weqophelo eliphezulu kumele ubange nabadlali abakulelo zinga,” kusho uPhungwayo.
Ngesizini ezayo iBucs izothola elinye ithuba lokudlala kuCaf Champions League efunwa uthuli ngusihlalo waleli qembu u-Irvin Khoza.
“Ngifuna ukudlala kuChampions League ngoba sengike ngadlala kuConfederations Cup neWits. Angisakwazi nokulinda ukudlubha imifaniswano yaleli qembu,” kusho uPhungwayo.