CELANI SIKHAKHANE
INKULUMO kaMengameli Jacob Zuma yesizwe ichazwe njengebingenalutho futhi ebingehlukile kweyaminyaka yonke aseke wayethula.
Lokhu kugqame kubantu abahlukene abaphawule ngayo abanye abazwakalise ukungenami bekhala ngokuthi uZuma ubonakale njengomuntu obegcina icala .
Umhlaziyi wezepolitiki ngaphansi kwesikhungo iXubera Institute uMnuz Xolani Dube uthe akukho okutheni kule nkulumo yakulo nyaka okungathiwa uZuma ukhulume ngakho.
“Akwenzile uMengameli bekungahlukile enkulumeni esike yethulwa uMnuz Thabo Mbeki noDkt Nelson Mandela njengoba ebekhuluma ngezinto ezifana nosizi lwabantu abamnyama okuyinto okukade kukhulunywa ngayo. Ngaphandle kwalokho uma kuziwa odabeni lomhlaba kuningi okubonakalayo ukuthi akulungile futhi akulungiseki ngakho kuningi ebesikubheke kuye uZuma,” kusho uDube.
USolwazi Daryl Glaser ongumhlaziyi waseWits University uthe beyingajabulisi neze futhi akukho okutheni uMengameli akushilo isizwe ebesingakujabulela.
Uthe kule nkulumo kaZuma okujabulisile futhi okuzwakalayo kube udaba oluthinta ukunukubezwa kwabesifazane nezingane njengoba ememezele imizamo emisha ehambisana nemithetho ezolwa ngqo nalo mkhuba.
USolwazi Nhlanhla Khubisa ongunobhala-jikelele we-NFP uthe nakuba kukhona okubajabulisile enkulumeni yesizwe njengodaba olugxile kwabesifazane nokunukubezwa kwabo kodwa kukhona lapho bekhala khona.
Uthe ubebheke ukuthi uMengameli agxile odabeni lwemihlomulo yabantu abasha abangasebenzi njengoba sisikhulu isibalo sabangasebe-nzi kodwa akukho okutheni akushilo.
UNkk Helen Zille we-DA uthe uZuma uhlulekile nokuqhamu-ka nezinto ezintsha ezibambe-kayo ngakho udlale ngesikha-thi sokuba akhulume izinto ezizwakalayo.
UMnuz Bantu Holomisa we-UDM uthe nakuba kungekho nokusha uZuma akushilo kodwa kuyakujabulela ukuthi uyithintile indaba yabantu yabacekela phansi impahla .
ICosatu income uZuma ngokugcizelela ukuthi nakuba ezemfundo zizothathwa njenge-zibucayi kodwa othisha aba-phucwa ilungelo lokuteleka.