FANELESIBONGE BENGU
K ULO nyaka kuhlangana iminyaka engu-20 amalungu eqembu le-Afro pop, iMalini ahlangana futhi angena emculweni.
UMdu Ntombela noToffo Goge bahlangana ngo-1996 eGoli bobabili bagcina sebecula nendlovukazi yomculo wowokholo uRebecca Malope.
Ngo-2004 basungula iMalini ngaleso sikhathi babengamalungu amathathu okukhona kuwo nomculi wowokholo uPhutuma Tiso.
“Sakhipha i-albhamu yokuqala ethi Basilindile eyenza kahle kakhulu futhi idlala ubuthaphuthaphu emsakazweni. UPhutuma kodwa wakhetha ukuthi alishiye iqembu sabe sesilanda uZaza. Naye akahlalanga isikhathi eside ngoba washada wabe eseyashiya. Savele sakhetha ukuthi siziqhubekele sodwa,” kusho uMdu.
Njengamanje leli qembu selikhiphe ama-albhamu ayisithupha anezingoma okubalwa kuzo ethi Jikelele, Balele nezinye. Eyokugcina ethi Uhambo eyayigabe ngengoma ethi Phendula abapike kuyo uPhuzekhemisi iphume ngonyaka odlule.
“IMalini ikhipha izingoma ezihlalayo, asibaxini kakhulu abalandeli bethu. Izingoma zethu futhi zinomyalezo okuyinto engiyigqugquzela nakwabanye abaculi ukuthi benze izingoma ezixoxa indaba,” kusho uMdu.
UToffo uthe akubanga lula ukuthi bafinyelele lapho bekhona manje.
“Sasinemoto eyayivele ife uma siyonandisa ezindaweni ngaso sonke isikhathi. Lokho akusiqedanga amandla ngoba sasinethemba lokuthi ekugcineni kuzokhanya,” kusho uToffo.
“Mina izingqinamba engizikhumbulayo ngezokuthi senza umculo omnandi kodwa abalandeli bethu bakhale ngokuthi abawutholi ezitolo zomculo,” kusho uMdu.
Leli qembu lithe kuningi eselikuzuzile kusukela labunjwa eminyakeni engu-12 edlule.
“Okuyiyona-nto enkulu kimi wukuthi sikwazi ukuzimela njengeMalini ngoba abanye abaculi bacula nabanye baze babe badala,” kusho uToffo.
UMdu yena uthe: “Engikuzuzile mina wukuthenga imoto, ngibe nendawo yokuhlala nokukwazi ukunakekela umndeni wami. Okunye wukuxhawulwa nguMengameli Jacob Zuma ngesikhathi esinikeza indondo yeSong of the Year kumaSatma Awards ngo-2010.”
Ngendlela abangahlukani ngayo ungaze ufunge ukuthi bayathandana.
UToffo uthe washada ngo-2011 nowayengumculi uLucky Shabangu kanti ngakolunye uhlangothi uMdu yena, uthe usewazishaya zaphelela sekusele umshado.
Bathe bayaxabana kodwa basuke bebanga umsebenzi
Baveze ukuthi kulezi zinsuku bamatasa estudio bapheka umculo ozophuma maduze.
“Sekusele kancane manje sekuwukuthi nje lo muntu, engingeke ngimusho igama lakhe, ahambise umsebenzi wethu enkampanini enkulu yokuqopha nayo engingeke ngiyidalule.”
Bathe ezinye izingoma abazenzile kukhona ethi Ziyangihambela abayenze noMbuso Khoza nethi Inhliziyo Yami abayenze noGoodman Guetta.
“Ngeke siphumule umculo wethu ungakabatshazwa phesheya.”