IMEYA yaseGoli futhi ezimisele ngokuqhubeka nalesi sikhundla ngemuva kokhetho lwanamuhla, uMnuz Parks Tau, ithe ukuvakashela kwayo lowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki, akuhlangene nakancane ne-EFF nayo ebeyimhabele ngoMsombuluko.
UTau uthe bekungekona okokuqala evakashela uMbeki kodwa emasontweni amabili edlule ubenaye uMbeki. “Bengikhona emasontweni amabili nohhafu edlule ngizomtshela ngomkhankaso we-ANC ukuthi uhamba kanjani. Into esasiyihlelile ngesikhathi sihlangana ukuthi ngizobuya ngizomethulela labo abangenele ukhetho.”
Emhlanganweni wayizolo emzini kaMbeki eRiviera, uTau uthe bathole ithuba lokukhuluma ngokhetho nokuzilungiselela kwe-ANC.
Ngohleko olukhulu uMbeki, uphinde amazwi akhe okuthi ngeke asho ukuthi uzovotela liphi iqembu namhlanje.
“Ivoti lami liyimfihlo,” kusho uMbeki ekhuluma nezintatheli. Ebuzwa ngomhlangano nobudlelwano anabo ne-EFF, uMbeki uthe uzohlangana nanoma ngubani ocela ukubonana naye.
“Iqembu le-EFF licele ukubonana nami. UMmusi Maimane we-DA uke weza wazongibona ekuqaleni konyaka, ngavuma.
“IMeya uTau yacela ukuzongibona ngathi ayikho inkinga, angikwazi ukuthi ngixoshe abantu abafuna ukungibona,” kusho uMbeki.
Uphinde wacacisa ngokungabonakali kwakhe emikhankasweni ye-ANC wathi yingoba ubengekho kakhulu eNingizimu Afrika ngesikhathi sokukhankasa kodwa ubegxile ezindabeni zase-Afrika.
“Nginesiqiniseko sokuthi i-ANC isezandleni zabaholi abakahle futhi abawaziyo umsebenzi.”
UMbeki ucele abantu bakuleli ukuthi baphume ngobuningi baye kovota namhlanje. “Kubalulekile ukuba nezwi ekulawulweni komasipala nokuthi balawulwe kanjani.”
UNkk Thoko Didiza ongenele isikhundla sobuMeya eTshwane noMnuz Mzwandile Masina ongenele esobuMeya e-Ekurhuleni abakwazanga ukuvakashela uMbeki.ngenxa yeminye imisebenzi.