IBHUQUZA ekhaya ingwazi ye-Orlando Pirates, uTebogo “Tebza” Moloi, osehlale isikhathi eside kweZimnyama njengephini labaqeqeshi abahlukahlukene.
Ngesizini edlule uMoloi nguyena obelekelela u-Eric Tinkler ogcine ekhonjwe indlela emuva kokuhluleka wukuwina emidlalweni emibili yamanqamu.
Umqeqeshi omusha weBucs, uMuhsin Ertugral, umemezele uBradley Carnell noZipho Dlangalala njengamaphini akhe. Lokhu kushiye imibuzo ngekusasa likaMoloi.
Kuthintwa uFloyd Mbele, oyisikhulu esiphezulu kuBucs, ecacise ngekusasa likaMoloi uvele wakubeka kwacaca ukuthi njengamanje usekhaya.
“Indlela abaqeqeshi abasebenza ngayo iyahluka kakhulu. Abanye abaqeqeshi bakholelwa ekutheni kufanele bafike nabantu babo kanti abanye abanankinga nokusebenza nabaqeqeshi abasuke bebafice eqenjini. UMuhsin ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuzikhethela yena abantu azosebenza nabo. Njengamanje indaba yekusasa likaTebogo sisabhunga ngayo. Ngingakuqinisekisa ukuthi okwamanje usesekhaya. Uma sesixazulule yonke into sizobe sesithatha isinqumo ngekusasa lakhe,” kusho uMbele.
UMoloi owayeyibamba kweZimnyama eminyakeni edlule usesebenze ngaphansi kwenqwaba yabaqeqeshi kweZimnyama. Ubekhona iqembu lisacijwa nguRoger de Sa, Tinkler, Vladimir Vermezovic, Julio Leal, Augusto Palacios noRuud Krol. KuPirates ubesefana nedlozi yize abanye bebebuye bakhale ngokuthi unomkhuba wokuxova isikimu.
UMoloi kuphele isizini edlule engasahlali ebhentshini lePirates. Isizathu esakhishwa yileli qembu ngokungabonakali kukaMoloi ebhentshini leZimnyama sathi yingoba unezinkinga zomndeni ezidinga ukuthi abhekane nazo ngaphandle kokuphazanyiswa umsebenzi.
U-Ertugral usefike wenza inqwaba yezinguquko kuPirates. Uxoshe inqwaba yabadlali waphinde wasayinisa nenqwaba. Phakathi kwabadlali abakhombe indlela kukhona oLehlohonolo “Major” Majoro, Sifiso “Nsunda” Myeni, Rooi Mahamutsa noPhilani “Philo” Zikalala.
Khonamanjalo, iPirates inqobe umdlalo weMaize Cup ihlula iPlatinum Stars ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo ubuphele ngo 0-0. Kulo mdlalo u-Ertugral ubebeke uFelipe Ovono emapalini osusiwe kwabachithwayo.
Kweminye imidlalo yokuzicija yeBucs bekuvimbe uBrighton Mhlongo noJackson Mabokgwane. Lokhu kwenze kungacaci ukuthi yimuphi unozinti azombophela uma sekuqala imidlalo ye-Absa Premiership abayivula neLamontville Golden Arrows ngo-Agasti 24 e-Orlando Stadium eSoweto.