MUNYA VOMO
U MLINGISI weSaints and Sinners, edlala kuMzansi Magic njalo ngeSonto ngo-8, uNompilo Gwala olingisa indawo kaPhindi, uthi noma imvusela amanxeba akudala indawo ayilingisayo okubalulekile ukuthi kukhona ozosizakala.
UNompilo udlala indawo kaPhindi osanda kuthunjwa uGibson Mosai (Tumisho Masha), kanti ngokubonakale esiqeshini sangaphambilini kubukeka engathi uzonukubezwa ngokocansi.
Kuso isihloko sokudlwengulwa kwabantu besifazane, ngeledlule kubikwe ngodaba lukaKamo Peterson lokudlwengulwa, okugcine kutholakale ukuthi bekungamanga. UNompumelelo ukhulume ngalolu daba wathi lumthintile kakhulu.
“Ngifunde udaba lukaKamo ngikhala. UMnyango waBesifazane waze wathumela umyalezo kutwitter wokuthi noma udaba lwakhe kwakungamanga, isizathu sokuthi luthinte abantu abaningi ukuthi sonke sinezindaba okusamele sibhoboke ngazo,” usho kanje.
“Sengike nganukubezwa izikhawu ezimbili. Okokuqala kwenzeka ngineminyaka engu-6. Ngadlwengulwa ekhishini. Ngiyazi ubani owakwenza futhi ebusheni bami bonke wayengeyisa ngakho. Njalo uma ngidlula ngakubo uma ngiphuma esikoleni wayehlezi engikhumbuza ukuthi kwakumnandi kangakanani ukwenza ucansi nami,” kuxoxa uNompilo ecweba izinyembezi.
UPhindi amlingisayo uphila impilo asadlula kuyona ku Saint and Sinners. Uthe ucabanga ukuthi ukwenza imidlalo yethelevishini efundisa ngezinto ezenzeka emphakathini kubalulekile.
“Ngabona ukuthi ayilungile lento eyenzeka kimi ngokubuka iSoul City. Kwakukhona isiqephu lapho uSister Bettina (Lillian Dube) wayekhuluma nentombazane eyayinukubezwa ngokocansi. Wayinikeza uTeddy Bear wayicela ikhombe lapho ithintwe khona. Okuqala ngqa empilweni yami ngakwazi ukusho ukuthi nansi lento eyenzeka kimi.”
Eseneminyaka engu-12 uthi wazama ukuzibulala ngenxa yento ayehlale ecabanga ngayo. Ngenhlanhla kwangenelela umama wakhe wamhlenga ngaphambi kokuthi afe. Eseneminyaka engu-18 kwaphinda kwamehlela futhi ukudlengulwa, kulokhu kwenziwa ngumuntu ayethandana naye.