IZIHLOBO zididekile ukuthi wubani odubule iphoyisa likaMasipala waseThekwini, uSergeant Mduduzi Buthelezi (41), okusolwa ukuthi uhluleke wukulawula imoto ngemuva kokudutshulwa imoto abehamba ngayo yashayisana mahlanze neloli washona emgwaqeni u-R603, eMbumbulu, ngoMgqibelo.
Kuthiwa uButhelezi, wakwa-D eMlaza, ungene kulo mgwaqo engasaboni kahle emehlweni ngemuva kokubhunyelwa ngephalishi elishisayo ebeligcwele ibhodwe ebusweni ngunina wezingane zakhe ezintathu (esiligodlile igama lakhe) owayeyingoduso yakhe.
Akucaci ukuthi ube esedutshulwa ngubani esandleni njengoba kuvele ukuthi bekukhona izingane zabo kuphela ngesikhathi bexabana.
Uyise wephoyisa, uMnuz Alfred Buthelezi (64), uthe ukufa kwendodana yakhe ngalolu hlobo yinto abevele eyilindele ngoba bese bephenduke izitha nesithandwa sakhe.
“Indodana yami ibinomuzi kwa-Q kodwa ngoLwesihlanu ifikile yazolala layikhaya. Ithe kuphele ugesi emzini wayo futhi nezingane azikho zivakashele unina.
“Ivuke ekuseni yashayela ucingo enye yezingane zayo iyitshela ukuthi kudingeka zibuye ekhaya ukuze zilungiselele ukuvulwa kwezikole. Sengathi ingane imphendule ngendlela angayithandanga, okwenze ukuthi anikele khona ayozilanda. Ufike bangazwana nonina wazo omsole ngokufuna ukuthatha izingane ngenkani. Kuthiwa unina wezingane umbhunyele ngephalishi ebusweni wabe esekhipha isibhamu (uMduduzi) wadubula engasaboni ukuthi udubulaphi,” kulandisa uButhelezi.
Uthe kuthiwa indodana yakhe endala iyona emphuce isibhamu kodwa akucaci ukuthi ube esedubuleka kanjani engalweni yangakwesokudla.
“Ubengeke azidubule ngoba ubesebenzisa isandla sokudla. Sisadidekile ukuthi udutshulwe ngubani, isibhamu sakhe sitholakale emgwaqeni sesiphethwe ngamasosha oMkhonto Wesizwe. Unina wezingane kuthiwa naye udubulekile usesibhedlela. Umfana wami ube eseshaya imoto wanyuka ePhilani walibangisa ngaseMbumbulu, asazi ukuthi ubeyaphi. Uhlulekile wukulawula imoto yakhe, sisola ukuthi ubesophe kakhulu wabe eseshayisani neloli elithwala izingodo. Uze wakhishwa ngezindlawu emotweni,” kusho uButhelezi.
Uqhube wathi uqoke ukucacisa ngokufa kwendodana yakhe ngoba akafuni izinkulumo ezizohamba zithunaza isithunzi sayo njengoba bekungukuphela kwayo, izalwa namantombazane amabili.
Umkhongi kamufi, uMnuz Vivian Buthelezi (68), uthe yize uButhelezi ubesemlobolile unina wezingane zakhe waze wahambisa nomembeso ngo-2014 kodwa bagcina benqume ukuthi bahlukane ngenxa yokubona ingozi yobudlelwane babo.
“Sigqemeke ingozi ngokufa kwalo mfana. Ubengeve elungile engazwani nomsindo. Le ntombazane ike yahlela umshado ngo-2014 ingamtshelanga wezwa esetshelwa ngamanye amaphoyisa. Ziningi izinto ebezenziwa yile ntombazane, ubona nje umamezala wayo ushone ngo-Ephreli imthuka ingafuni nokuthi imbone,” kuveza umkhongi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Zwane, uthe amaphoyisa aseMbumbulu avule icala lokubulala ngokungenhloso ngemuva kokuthi owesilisa ona-41 eshayisane neloli.
“Besingakayitholi imininigwane yokuthi ubedutshuliwe ngaphambi kokuba nengozi. Sizolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu,” kusho uZwane.
Imizamo yokuthola umndeni kanina wezingane zikamufi ayizange iphumelele.