FANELESIBONGE BENGU
AKUCACI ukuthi sizobuya nini emsebenzini isilomo somsakazi weMetro FM uTbo Touch, osekuyophela isonto lesibili simisiwe.
UTbo Touch (osesithombeni) ushayela uhlelo i The Touch Down ngo-3 kuya ku-6 ntambama, phakathi nesonto. Njengamanje uhlelo lubanjwe nguPhat Joe owenza i The Phat Joe Show, ngoMgqibelo ekuseni.
Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, uthe akazi ukuthi uTouch uzobuyela nini emsebenzini. “Akusebenzi kanjalo. Kunezinto okumele azilungise nabaphathi. Uma lezo zinkinga sezilungisiwe uyobe esebuyela emsebenzini,” kusho uKganyago. Iphephandaba langeSonto, i Sunday Sun, libike ukuthi uTouch ube nokungaboni ngaso linye nomphathisiteshi, uSibongile Mtshali. Kuthiwa babanga ukuthi kuncishiswe isigaba aba naso ngoMsombuluko ngo-5 ntambama, esibizwa nge Monday Replenishment lapho edlala khona umculo wokholo. Kuthiwa uMtshali wathi asibe yimizuzu engu-20, ngakolunye uhlangothi uTouch ethi asibe yihora. Njengoba uhlelo lubanjwe nguPhat Joe nje, ngoMsombuluko besingekho lesi sigaba.
Lo msakazi akaqali ukumiswa njengoba ngonyaka odlule uke wamiswa. Umsakazo akuwo awunqeni ukukhomba izilomo indlela njengoba wenza kuPaul Mtirara owayeshayela uhlelo lwangeSonto i Chill Factor, noBonang Matheba owabuye wabuyela.
Khon manjalo, umsakazi woKhozi FM uMandla ‘Njinji’ Magwazi akakabuyeli emoyeni uhlelo lwakhe lusenziwa uSthandwa Nzuza. Wamiswa ngezinsolo zokukhangisa ngaphandle kokulandela imigudu efanele.