ZANELE MTHETHWA
K uthiwa awu-3 million amadoda eNingizimu Afrika anenkinga yokuba nenduku ekhophozayo.
Umbiko wocwaningo ovezwe yiPharma Dynamics, okhishwe waqondaniswa nenyanga eqwashisa ngezempilo emadodeni, uveza ukuthi u-50% wamadoda aneminyaka engaphezu kuka-40 analenkinga.
Kuthiwa wukungazinakekeli kwamadoda okudala izifo, yikhona okunomthelela enkingeni.
Kuvela ukuthi bakhona nabaneminyaka engaphansi kuka-40 abanenkinga yokukhophoza kwenduku. kubona kudalwa wukuphuza kakhulu, ukubhema nokukhuluphala.
okhulumela inkampani elapha izifo zamadoda, iPharma Dynamics, uNksz Tumi Motsei, uthe uma amadoda engasukumi kusazoshuba eminyakeni ezayo.
“Konakele kwabesilisa bakuleli ngenxa yokungazinaki okudlebelekiswa yisifo senhliziyo, ushukela nokwenyuka komfutho wegazi. Zonke lezi zifo zenza kube nenkinga ekamelweni. Bawu-31% abanenkinga yomfutho wegazi, 33% unesifo esihlobene nenhliziyo, 41% bakhuluphele ngokweqile kanti abangaphezu kuka-25% bayabhema. Uma ungowesilisa unokunye kwalokhu okubaliwe, makhulu amathuba okuthi kubhede nasekamelweni,” kusho yena.
kusenzima ukulwa nenduku ekhophozayo emadodeni ngoba akusabisa okwenyoka ukuya kodokotela.
Uthe ayesaba nokuphumela obala uma enenkinga, okwenza angasheshi ukusizakala. Lokhu kwenza ukuthi abanye bakhohlisane bodwa bazame imishanguzo engathi shu ngoba bengafuni ukuya kodokotela.
“Okubuhlungu wukuthi bawu-20% kuphela abesilisa abazivezayo kodokotela, nabo kuthi sebetsheliwe imishanguzo ezobasiza kodwa basabe ukuyoyithenga emakhemisi ngoba bebona kuyihlazo ukuphumela obala ngokukhophoza kwenduku okwenza bazizamele usizo ngezinye izindlela ezingahloliwe. Odokotela yibona abagunyazwe ukusiza ngoba imishanguzo yabo ihloliwe.
“Kumanje kwande izikhangisi emgwaqweni ezithi usizo kwabanalenkinga luyatholakala kodwa abantu bazo bengaqeqeshiwe,” kusho uNksz Motsei.
Ubalule nezikhangisi ezisabalele zabelaphi abathi bakhulisa induku, athe lena ngenye inkinga ekhinyabeza amadodaa.
UNksz Motsei uthe yize amadoda egijimela ukukhulisa induku becabanga ukuthi kuzosiza ekamelweni, uthe inkinga yokukhophoaza kwenduku ayihlangene nosayizi wayo. ngokwabelaphi abaqeqeshiwe, ayikho imishanguzo ekhulisa induku.
Uthe noma ngabe iyiphi inkinga uma isheshe yabonakala iyelapheka. Okunye athe kudala inkinga emadodeni wukhwantalala. Ukhuthaze amadoda ukuthi azijwayeze ukuzivocavoca, agweme utshwala nogwayi ukuze bangabi nenkinga.
Yize abanye bekhala ngokuthi imishanguzo yodokotela bamadoda iyabiza, uNksz Motsei uthe kusukela ngo-2013 intengo yehlile futhi sekulula ukuthola imishanguzo.
Uxwayisa amadoda ayaye ancamele ukuhlinzwa ukulungisa inkinga ngokuthi lokhu kumele kube yimizamo yokugcina uma sekuhluleke konke.
Okhulumela iMen’s Health International, uMnuz Chris Moroka, uvumile ukuthi inkulu inkinga emadodeni yize ethe akanazo izibalo eziqondile.
Uthe uma bebheka amafayela anamadoda angaphezu kuka-500 000 avakashela imitholampilo yabo, kuyacaca ukuthi kunenselelo.
“Odokotela abangachaza kahle ngemininingwane kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi maningi amadoda anenkinga yenduku ekhophozayo. inkinga enkulu ikwabangaphezu kweminyaka ewu-50. Abanye basuke benenkinga yokuba nenduku engathi qingqo. bayalelwa odokotela abelaphayo,” usho kanje.