UMBUTHO wentsha yeNFP usuphakamise ukuthi kube nengqungquthela eyisipesheli maduze ukuze kukhishwe abaholi abanukeka ekudicileleni phansi inhlangano njengoba ihlulekile ukubhalisela ukhetho.
Emhlanganweni obuseCoastlands Hotel eThekwini izolo, ubuholi bentsha buvumelane ngokuthi kube nengqungquthela esikhathini esingangenyanga kusukela manje lapho kuzokhethwa khona ubuholi obusha obuzoyisa phambili iqembu.
Lo mbutho unxuse ukuba bakhishwe ePhalamende abaholi bawo abathathu abathinteka ekubeni nesandla ekutheni iqembu lizithole selichithwa ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya.
“Sifuna uMnuz Maliyakhe Shelembe, uMnuz Scelo Mabika noSolwazi Nhlanhla Khubisa bakhishwe ePhalamende njengoba besoleka ekudicileleni iqembu phansi,” kusho uNobhala-jikelele wophiko lwentsha uNksz Busi Shabalala.
UNksz Shabalala uthe omunye umuntu abafuna axoshwe nguMnuz Xolani Ndlovu obenguMgcinimafa.
UMnuz Sboniso Majola, onguMengameli wenhlangano yabafundi yeNFP ophinde abe yilungu leNEC embuthweni wentsha, uthe abakwazi ukuthi laba baholi abathathu uShelembe, Mabika noKhubisa bangaqhubeka nokumela iqembu ePhalamende ekubeni kusaqhubeka uphenyo.
“Kuzokhumbuleka ukuthi laba baholi bafaka izincwadi bathi bayasula enhlanganweni kodwa babuye bashintsha, umthethosisekelo weqembu uthi uma umuntu esulile enhlanganweni ekade enesikhundla, uma esebuya uba yilungu nje elijwayelekile,” kusho uMajola.
UMajola uthe bayasamukela futhi isinqumo sikaMengameli wabo uNkk Zanele Magwaza-Msibi sokuthi afake ubuholi besikhashana beNEC kulandela ukuhluleka kweqembu ukuba likhokhele ukungenela ukhetho.
“Ziningi izinto esizibhekile engqungqutheleni, sibheke nesimo njengoba sinjalo, ikakhulukazi mayelana nodaba lokungenela ukhetho. Sibheka ukulalelwa kodaba lwethu enkantolo okuzoba ngo-Julayi 29, ukhetho luzoba ngo-Agasti 3, kusho ukuthi udaba luzongena ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba kuyiwe okhethweni.
Okunye okungenzeka wukuthi isinqumo ngeke siphume ngosuku lokulalelwa kwesicelo,” kusho yena.
Inkantolo yezokhetho ibeke uLwesihlanu njengosuku okuzolalelwa isicelo se-NFP.
Imizamo yokuthola la baholi ayiphumelelanga izolo.