I-ANC izolo isemukele isinqumo sokuhoxiswa kwamacala enkohlakalo abethweswe uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Pravin Gordhan.
I-ANC ithe uMengameli Jacob Zuma kumele axoxe noyisikhulu esiphezulu kuNational Prosecuting Authority (NPA) ukuze kungaphinde kwenzeke leli hlazo kuphinde kuvikelwe isithunzi seNPA.
“Sinxusa uZuma ukuba axoxisane nobuholi beNPA ukuze kuvikelwe isithunzi nokusebenza ngokuzimela kwale nhlangano,” kusho i-ANC esitatimendeni mayelana nesimemezelo sika Adv Shaun Abrahms oyiNhloko yeNPA sokuthi behlulekile ukuthola izinhloso zobugebengu kuGordhan nababengabasebenzi bakwaSars uMnuz Oupa Magashula noMnuz Ivan Pillay mayelana nokunikwa kukaPillay umhlalaphansi onayo yonke imihlomulo ekubeni singakafiki isikhathi sokuthatha umhlalaphansi.
“Njengoba esehoxisiwe amacala kufanele siqhubeke nemizamo yethu yokukhulisa umnotho nokwakha amathuba omsebenzi njengoba asho uComrade Gordhan enkulumweni yakhe yakamuva ngesikhathi ethula iMedium Term Budget Policy”.
Leli qembu liphinde lezwakalisa ukudumala ngomthelela walezinsolooo emnothweni waseNingizimu Afrika.
“Ngokulandela imigomo ebekwe kungumthethosisekelo waseNingizimu Afrika, othi wonke umuntu umsulwa kuze kube utholwa enecala, njengeqembu besilokhu sikholelwa ekutheni uComrade Gordhan umsulwa. Yingakho besilokhu sizwakalise ukumeseka selokhu kwavela lezi zinsolo zenkohlakalo abebhekene nazo,” kuqhuba isitatimende.
“Isenzo seNPA sokwethwesa uGordhan amacala enkohlakalo nabanye abesolwa nabo sibe nomthelela omubi emnothweni saphinde saqubula ukungabaza okungenasidingo mayelana nezinhloso zayo (kulokhu abebesolwa ngakho).”
Khonamanjalo inhlangano iSouth African National Civic Organisation (Sanco) ithe ukuthi kumele kube khona abaxoshwayo mayelana nalesi sinqumo sakamuva esikhishwe yi-NPA. – African News Agency