A MABOMBO njengoba ezobe ebheke ePortshepstone, kuGu Jazz Festival, abathandi bobumnandi babheke ukuyozijabulisa ngomculo wezihlabani ezizobe zinandisa. Omunye umculi we-Afro jazz ongaconsi phansi ozobe edlala nguSiphokazi Maraqana (34) oseshadele kwaMolapi. Le ntokazi yase-Eastern Cape, eLusikisiki yafika kwazwakala ngo-2006 endimeni yezomculo nge-albhamu yayo esihloko sithi Ubuntu Bami. Le albhamu yamenza wahlabana ngendondo yeBest African Adult Contemporary kumaSAMA ngo-2007. Kanti useke wacula ngokuhlanganyela nabaculi abamkantshubomvu okubalwa Tshepo Tsola, Simphiwe Dana, Zama Jobe uma singakha phezulu. Kube yintokozo ku SIHLE “Ngeney’ntwen” MKHIZE ukuxoxa nale ntokazi.
Ungathini ngendawo yangakini iLusikisiki kubantu?
Ngingasho ukuthi uma uqhamuka endaweni yasemakhaya kukhona abantu abakubukela phansi bacabange ukuthi kuyophelela lapho. Akimina ngedwa bakhona nabanye abazama impumelelo ngakithi ngike ngibatshele ukuthi yonke into inesikhathi sayo, ngibonga nomdali obenesandla esikhulu empumelelweni yami.
Njengoba sewashiya kwisitebela esakwakhela udumo iNative Rhythms wajoyina i-EMI kumiphi ukusebenzisana nayo?
Engingakusho wukuthi iphelile inkontileka yami nabo kulo nyaka kodwa ubudlelwano bethu busebuhle. Ngisabhekile ukuthi babekani etafuleni siqhubeke nokusebenzisana uma kwenzeka.
Uma ukhuluma uzwakala uqhakambisa kakhulu igama loMdali ukhonza kuliphi ibandla?
Ngikhonza e-Oasis Of Life Family Church, eDaveyton, e-East Rand. Ngikhuliswe ekhaya ngokumesaba uNkulunkulu futhi lokho kuyangisebenzela.
Usuhlomule ngani selokhu waqala kule ndima yezokungcebeleka?
Engikujabulelayo wukuthola indlebe kubathandi bomculo wami. Inhloso yami emculweni wukudlulisa umyalezo. Ngomculo wami ngisanesifiso sokuxhasa umphakathi ngisize nabazali abakhulisa abantwana babo ngomyalezo.
Nangu uZahara ufike kwezwakala emculweni, kukhona ukwesaba okukhona kuwe?
Angimesabi nakancane. Isizathu salokho wukuthi unendlela yakhe nami futhi ngineyami engicula ngayo. UMdali wayengeke enze iphutha lokusipha amaphimbo afanayo nangendlela esidlulisa ngayo umyalezo kubantu. Ngeke ngikhohlwe ukumbongela ngoba kudala efuna ukungena ezintweni futhi usaya phambili.
Yikuphi omatasatasa ngakho njengoba usemakhaya?
Ngingelinye lamajaji asiza umasipala walapha ngakithi ekujajeni emncintiswaneni wamaciko. Lapha kuqhudelana abadansi, abaculi, izimbongi, Gospel neminye imikhakha.
Unalo uhlobo lwezingubo ozifelayo ngalo uma uphuma?
Ngigqoka noma yini, ngabe yimisiko yaseNtshonalanga noma yeSintu, yinqobo nje uma ingamphoxi omunye umuntu.
Uma ngingakufica upheka ukudla okuthandayo ngabe wukudla kuni?
Ngiyazifela ngokudla kwesintu, isitambu esinobhontshisi omningi, amadombolo nokunye.
Sesiphetha abalandeli bakho bangalindelani kuwe kusasa?
Nakuba bekhona abaculi bebaningi kodwa ngingasho ukuthi nami ngiyokwenza engidume ngakho. Kunezingoma engithemba ukuthi bazozijabulela abalandeli bami, ngibala ethi Amacala, Uyanyamezela, Usemncane, Uphumaphi, Ndiyabulela, Koze Kube Nini nezinye.