FANELESIBONGE BENGU
UMREPHA uZakwe noDJ Merlon ehambisana noMondli Ngcobo asebezakhele udumo nge-house, bazoshaya izingoma zowokholo ekhonsathini yeDurban Youth Festival ezoba sePlayhouse, eThekwini, ngoJuni 18.
UZakwe uzobe eshaya umculo we-hip hop kodwa okhuluma ngeZwi leNkosi kuthi uMerlon noMondli bashaye i-house ekhuluma ngoNkulunkulu.
Bazobe beshiyelana inkundla noSgwili, Malusi Mbokazi, Ayanda Ntanzi, Babo, Encore noDJ Happy Gal.
“Kuzobe kukhona noKelly Khumalo. Bonke laba baculi bazobe beshaya izingoma zokholo behambisana nebhendi ephelele,” kusho uJabu Ngcobo ongumhleli womcimbi.
Le khonsathi izoqala ngo-6 ntambama, kungenwa ngethikithi elitholakala eComputicket ngo-R150.
IDurban Youth Festival izodonsa izinsuku ezimbili njengoba izoqala ngoJuni 17 ngo-5.30 ebusuku.
Kuzobe kunekhonsathi ye-hip hop ebophele uNasty C, Kwesta, Fifi Cooper, Talente, Gaba, Nzwiri, Tira, JSF noDuncan.
UNgcobo uthe ngomhlaka-18 ngo-9.30 ekuseni kuzoba nenkundla yokucobelelana ngolwazi lapho kuzobe kukhuluma khona izikhulumi ezivela emikhakheni eyehlukene. Izikhulumi zizobe zikhuluma ngokuphumelela kwazo ezimweni ezahlukene ezabhekana nazo empilweni.
“Izikhulumi ezizobe zichaza ngendlela yazo ebheke empumelelweni kubalwa kuzo uDJ Tira, Thembinkosi Ngcobo wakuMasipala weTheku, uSolwazi Nevhuthando onguSihlalo weNational Lotteries Commission nezinye. Uhlelo luzobe luphethwe ngu-Alex Mthiyane noSakina Kamwendo,” kusho uNgcobo.
Uthe le ngxoxo izodonsa amahora amathathu kuthi izethameli zithole nethuba lokubuza imibuzo.
Uthe uma unethikithi lokuya emakhonsathini ungena mahhala kanti uma ungenalo ungena ngethikithi laseComputicket elibiza u-R150.