Kube nokuxokozela abanye bashaya amatafula abanye banikina amakhanda bethi abahambisani nesiphakamiso sikaMengameli Jacob Zuma sokuthi labo abazohlulwa engqungqutheleni ye-ANC yokukhetha ubuholi ngoDisemba benziwe amaphini.
UZuma wenze lesi simemezelo evala ingqungquthela yale nhlangano edonse izinsuku eziyisithupha eNasrec, eGoli.
Uthe leli kungaba yikhambi lokunqanda uqhekeko nokuhlukana ngoba amaqabane awazona izitha.
“Isiphakamiso esihle lesi, uma kunesidingo sokuthi ngihambele izifundazwe ngikhuluma ngaso ngiyokwenza lokho. Labo abazohlulwa abangashiywa ngaphandle kubuse uhlangothi olulodwa kodwa nabo abangene ezikhundleni. Ngo-2007 sashayeka kakhulu kuphuma abanye abaholi bayovula into yabo ngoba behluliwe. Selitholakele ikhambi lale nkinga,” kusho uZuma.
Ukusho lokhu kwaba nokuxokozela, elinye ilungu ebelifake isigqebhezane esiveza ukuthi liyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC eLimpopo lisukume laphuma lanikina ikhanda lathi yisikhathi sikaRamaphosa (Cyril) manje.
URamaphosa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma kulindeleke ukuthi bangenele umbango wokuhola i-ANC ngoDisemba.
Lesi siphakamiso sokuthi ozohlulwa abe yiphini siqale saphakanyiswa nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala othe sizobumba inhlangano.
UZuma uthe njengoba kunesiphakamiso sokuthi kube namaphini amabili omengameli, iphini lokuqala kuzoba ilowo ohlulwe embangweni wokuba umengameli.
“Kanjalo njengoba kunesiphakamiso sokuthi kube namaphini onobhala elinye lalo kuzoba elihlulwe embangweni wokuba iphini likanobhala. Noma kungathiwa abantu bayisithupha abangenele umbango iphini lokuqala kuzoba ilelo elihluliwe ekubeni unobhala bese kuthi elesibili kube ilelo elizothola amavoti amaningi ukudlula abanye,” kuqhuba uZuma.
Uthe amagatsha kusadingeka ayixoxe le ndaba bese ebuya ngoDisemba isizoba umgomo.
“Ngiphakamisa ukuthi uchitshiyelwe umthethosisekelo we-ANC ngoba asikwazi ukuthi kungafa inhlangano ngoba singafuni ukuchibiyela umthethosisekelo. Noma kungathiwa lesi siphakamiso sobuholi asenzeki kulo nyaka kodwa kumele senzeke ngezinye izingqungquthela ezizolandela,” kusho uZuma.
Uthe kule ngqungquthela ujabulile ngoba intsha nomakadebona babeke imibono ephusile kwaphikiswana kwaze kwavunyelwana.
Uthe le ngqungquthela ibe yimpumelelo enkulu ngoba kufezekile obekuzoxoxwa ngakho.
Uqhube wathi amaqabane aseyizitha ngenxa yokuthi abanga izikhundla.
“Abantu baze bangakhulumisani iminyaka emihlanu ngoba behluliwe. Yingakho sithi akumele kube khona abazohlulwa nabazowina okubalulekile ngukuthi kumele kuwine i-ANC,” kusho uZuma.