AKHALELWE ngamasongo kaSigonyela esemsebenzini amaphoyisa asemngceleni oseGolela ayisishiyagalombili abekwe amacala okukhwabanisa.
Amaphoyisa aneminyaka ephakathi kuka-30 no-43 aboshwe abaphenyi nabophiko lweSpecial Task Force neCrime Intelligence, ngoLwesibili. Amaphoyisa aboshiwe kukholakala ukuthi abesiza izigebengu ukuba ziwelise izimoto nempahla yokwebiwa emngceleni waseSwazini. Kuboshwe abesilisa abayisithupha nabesifazane ababili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker uthe lolu phenyo luthathe izinyanga ngaphambi kokuboshwa kwabasolwa. “Kuphenywe izinyanga eziyisishiyagalombili kwatholakala ukuthi kukhona amaphoyisa agwazisa abantu ukuze bakwazi ukukhipha impahla isuka kuleli ingene eSwazini ngokungemthetho, ngisho nezimoto.”
Amaphoyisa amane aboshwe esemsebenzini, amanye efake nemifaniswano yokusebenza. Amanye amaphoyisa amabili abengasebenzi kodwa abesemagcekeni esiteshi, lapho kuhlala khona amaphoyisa. Amanye amabili aboshwe oPhongola. Bonke ababoshiwe bekulindeleke ukuba bevele enkantolo yeMantshi yasoPhongolo izolo. Idokodo ngecala lisagcinwe enkantolo.
Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa lithe ukuboshwa kwalawa maphoyisa kumele kube yisifundo nakwamanye agwazisayo. “Baningi abantu abafuna umsebenzi wokuba amaphoyisa ngakho labo abangenzi kahle sizobasusa sifake abafuna ukusebenza.”
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula, ukushayele ihlombe ukuboshwa kwalamaphoyisa. “Ukuba yiphoyisa akukunikezi ilungelo lokukhwabanisa, kusho ukuthi usebenzela umphakathi, uyawuvikela. Amaphoyisa akhwabanisayo sizobhekana nawo ngqo.”