UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, unqabile ukucacisa ngezizathu ezenze uMengameli Jacob Zuma anqamule ngokushesha uhambo loNgqongqoshe ababili abebeyomela iNingizimu Afrika phesheya beyodingida izindaba ngokutshalwa kwemali kuleli.
UMnuz Pravin Gordhan, onguNgqongqoshe wezeZimali nephini lakhe, uMnuz Mcebisi Jonas, bayalelwe uZuma izolo beseLondon ukuba babuyele ekhaya ngokushesha.
Bekulindeleke ukuba baye nakwamanye amazwe njengase-United States of America beyomela leli kwezokutshalwa kwezimali.
UMantashe wenqabile ukucacisa ngalokhu izolo kunesithangami sabezindaba eGoli lapho kade ezokwethula khona umbiko ngokuhlangana kwe-NEC ye-ANC ngempelasonto.
“Lolu wudaba okumele uhulumeni abhekane nalo. Akukho okwaziwa yi-NEC mayelana nalo,” kusho uMantashe eziqhathulula.
Kunezinsolo zokuthi uZuma unqamula uhambo lwalabo ngqongqoshe nje ngoba efuna ukwenza ushintsho ePhalamende.
Phambilini kuke kwaba nemibiko ethi kungenzeka uGordhan asuswe esikhundleni asiphethe esikhaleni sakhe kufakwe uMnuz Brian Molefe osanda kufungiswa njengelungu lePhalamende lale nhlangano eCape Town.
UMolefe ubeyisikhulu sakwa-Eskom phambilini. Nakuba kunjalo abahlaziyi bezepolitiki bathi akwehliswe amaphaphu kulindelwe isimemezelo sikaZuma ngalokhu.
UMnuz Prince Mashele ongumhlaziyi wezepolitiki ozimele ekhuluma kwesinye seziteshi zethelevishini uthe ukunqanyulwa kohambo lukaGordhan noJonas kungenxa yecala elithinta umndeni wakwaGupta uGordhan okumele abe yingxenye yalo okulindeleke ukuthi lingene namuhla.
“Kunezingxenye ezibangayo kwi-NEC ye-ANC njengoba uCyril Ramaphosa ehambisana noGwede Mantashe noZweli Mkhize bese kuthi uZuma abe sohlangothini olulodwa noBaleka Mbete noJessie Duarte.”
Uthe uma kungukuthi uZuma akalulekwa ngokufanele, uGordhan angathi efika esikhumulweni sezindiza ebe esesusiwe esikhundleni kanti kungenzeka esikhaleni sakhe kufakwe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ongasebenzi kuyimanje bese kuthi iphini lakhe kube uMnuz Brian Molefe. UMnuz Protas Madlala, naye ongumhlaziyi wezepolitiki, uthe angakusho nje ukuthi akuvulwe amehlo nezindlebe ngoba lukhulu oluzomenyezelwa uZuma nakuba kungakacaci ukuthi yini.
Echaza ngokudingidwe yi-NEC, uMantashe ubale izindlela zokulwa nobandlululo, ubelelesi nokubuyiswa komhlaba.
“I-NEC ikuphawulile ukuthi inkululeko ayiphelele ngaphandle kokwabiwa kabusha komhlaba,” kusho uMantashe.
Uthe bavumelene ngokuthi lolu daba alungatatazelelwa kodwa lusetshenzwe ngendlela efanele.
Mayelana nobandlululo uthe akekho umuntu ozalwa ebandlulula njengoba umengameli wokuqala wentando yabantu uDkt Nelson Mandela ongasekho emhlabeni ake wakucacisa lokhu.
“Ukuzenza bakhulu kwabanye ngokusebenzisa ubandlululo nezinkundla zokuxhumana yikhona okuqhubezela phambili intukuthelo kubantu,” kusho uMantashe.
Uthe ukukhuluma ngobandlululo kumele kube wudaba oluthathwa njengoluphuthumayo nokumele kukhulunywe ngalo emphakathini ngoba lubucayi.
Ubuye wathi kuvelile nokuthi amalungu ale nhlangano kumele alwele ukwakha ubunye kunokuthi azazise wona ngokwawo.
Yibo lobu bunye athe buzobe bugqugquzelwa engqungqutheleni yale nhlangano ka-54 okuzobe kukhethwa kuyona ubuholi obusha ngoDisemba.