UPHIKA ulala ngomhlane umshayeli wetekisi ukuthi nguye okwi-video ekhombisa owesilisa eshaya owesifazane aze amphushele ezihlalweni zetekisi, izinyawo zize zibheke phezulu.
UMnuz Michael Vilakazi, ongumshayeli wetekisi okushayelwe kuyo owesifazane uphikile ukuthi nguye okwi-video esisabelele ezinkundleni zokuxhumana wathi akayazi indaba yokushaywa kowesifazane.
“Angikaze ngizwe nge-video yokushaywa kowesifazane futhi angazani nesigameko sokushaywa komuntu,” kusho uVilakazi maqede wavala ucingo.
Kule video kubonakala owesilisa ededela ulabhabha wempama kowesifazane, kuthi uma lona wesifazane ezama ukwehla etekisini, amshovele ngaphakathi bese ewela ezihlalweni imilenze ibheke phezulu kunyuke iziketi kuvele i-tight emnyama bese owesilisa evala isicabha.
UMnuz Velaphi (LV) Gumede ongumnikazi wetekisi eshayelwa nguVilakazi ukuqinisekisile ukuthi yitekisi yakhe ekwi-video wathi uyaphenya ngesigameko sokushaywa kowesifazane.
“Itekisi ngeyami isebenza lapha eBerea ishaya amabanga amade isuka lapha eThekwini iye eKokstad, eMthatha nakwezinye izindawo zase-Eastern Cape. Isigameko senzeke ngingekho ngiseGoli ngoba mina ngifike namhlanje ekuseni.
"Uma ngithola ukuthi ngumshayeli wami oshaye owesifazane ngizomxosha ngoba ngeke ngikwazi ukusebenzisana nomuntu onodlame,” kusho uGumede.
Uthe usola ukuthi isigameko senzeke ngoLwesibili noma ngoLwesithathu kwazise uzwe ngaso, izolo.
“Mina ngingumuntu onoxolo ongahambisani nodlame. Uyabona njengoba kuvele imoto yami kulesi sithombe kusho ukuthi abagibeli sebezongibuka ngelinye iso. Ngizomxosha uma kunguyena oshaye owesifazane, izinkinga zilungiswa ngomlolo hhayi ngenduku,” kusho uGumede.
UMnuz Mandla Mzelemu okhulumela inhlangano yosomatekisi iSouth African Taxi Council (Santaco), KwaZulu-Natal uthe bamfuna exoshiwe umshayeli oshaye owesifazane ngoba akekho umuntu okufanele ashaywe eNingizimu Afrika.
Uthe baphoxekile ukubona i-video enjeyayana ngoba yakha isithombe esibi ngemboni yamatekisi.
“Sigqugquzela ukuthi abantu besifazane baphathwe kahle futhi sihlale sibafundisa abashayeli ukuthi babaphathe kahle abagibeli ngoba ngobasi bethu.
"Okwamanje besingakatholi ukuthi lo wesifazane yintombi yomshayeli noma ngumgibeli yini kodwa sizokwenza isiqiniseko sokuthi bonke ososeshini baKwaZulu-Natal abamqashi umshayeli oshaye owesifazane,” kusho uMzelemu.
UCapt Khephu Ndlovu wamaphoyisa eThekwini uthe bayibonile i-video egcwele ezinkundleni zokuxhumana futhi kunowesilisa ovule icala emuva kokubona lesi sigameko enkabeni yedolobha.
Uthe ngebhadi akekho owesifazane ovule icala wase egquguzela oyisisulu ukuba avule icala esiteshini samaphoyisa esiseduze naye ukuze kuboshwe umuntu omshayile.