KUSOLWA inyama yenkomo eqedelwe igula okuthiwa idliwe isalukazi sashona kwathi inqwaba yamalungu omphakathi asesigodini saseGxalabeni, eNhlwathi, KwaHlabisa yaphuthinyiswa esibhedlela ikhishwa yizisu. Ilungu lekomiti le-ward ebelisiza abaguliswa yizisu uMnuz Nkosinathi Mhlongo, lithe bangu-50 abadle le nyama bathunyiswa esibhedlela KwaHlabisa. UNkk Makhos’aziphethe Ngema olinganiselwa eminyakeni engu-77, kuthiwa ushonele esibhedlela saKwaHlabisa ngoLwesine kade engeniswe nabanye.
UMhlongo uthe balinganiselwa kwabangu-50 abantu abebethuthwa ngama-ambulensi amane okubalwa phakathi nezingane ezincane. Uthe abanye balashwe badedelwa, abanye basalalisiwe.
Kuthiwa izisulu kuhlanganisa nomufi, balunywe yizisu, zibakhipha. Kuthiwa abanye batakulwe sebengcolisile lapho belala khona. Umndeni kamufi ugcine ungatholakalanga ukuphawula kodwa ilungu lekomiti le-ward ebelehla lenyuka lisiza abagulayo uMhlongo, ukuqinisekisile ukuthi uNkk Ngema ubevele egula, kodwa unele wadla le nyama wakhishwa yisisu okugcine ngokuthi ashone.
“Asinaso isiqiniseko sokuthi ukushona kwakhe kudalwe ukudla le nyama kodwa yena uyidlile futhi ube ngabanye wabangeniswe esibhedlela bekhishwa yizisu. Ngokusho komndeni kagogo uNgema, ubevele egula. Akwazeki-ke ukuthi ukudla kwakhe le nyama kumqedelile yini. Abanye sibatakule sebevele bezimoshelile. Bathe besibakhipha kanzima kuze kube kude endlini encane,” kusho uMhlongo. Umnikazi wenkomo ebigula uMnuz JF Mtshali wenqabe namagama akhe aphelele wathi ubengekho ngesikhathi kuqedelwa inkomo yakhe ebigula.
“Ibikade igula ivuvukele umzimba, maqede yaba namathumba emzimbeni. Ngiye kodokotela bezilwane bangiyalela umjovo i-lentrax, ngayijova ngawo. Abebesekhaya bacele ukuyiqedela, ngabavumela. Angibange ngisazi-ke ukuthi ibagulise kanjani ngoLwesine ekubeni yona ihlatshwe ngoLwesibili,” kusho uMtshali. Uqhube wathi inyama ibukeka iyinhle inonile. Uthe nezinye izinkomo zinaso lesi sifo.
Ikhansela lakule ndawo uMnuz Bonginkosi Manqele, lithe: “Ngokomthetho wodokotela bathi ayihlatshwa inkomo esanda kujovwa kodwa ulinda izinsuku ezingu-14 ngoba ushevu womjovo usuke ungakapheli egazini. Ngiyazi ukuthi abantu bavame ukuthi ithuna lenkomo yisisu. Baze bathi uma ibiliswe ngamanzi usuke usuphelile ushevu kodwa ngiyabaxwayisa ngobungozi bokudla inyama yenkomo ejoviwe ngoba inezifo ezingababulala.”