BAJIKA nelanga abafundi ababili abathenjiswe uxhaso lokuyofunda wuNgqongqoshe wezokuXhumana kuleli uNkk Faith Muthambi.
UNksz Nonhlanhla Mashiyane (29) noMnuz Mkhuleko Sibiya eNtuzuma, eNtambanana, eMpangeni bakhala ngokubanjiswa isisila sehobhe uNkk Muthambi abathi uthembise ukubaxhasa ukuze baqhube izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngokusho kukaNksz Mashiyane ungqongqoshe wafika eNtuzuma, ngoDisemba 20 nyakenye ezofaka ama-aerial amaTV. Ungene umuzi nomuzi wafica usizi kule mindeni emibili. Wazibophezela ngokuthi uzobafundisa.
“Ungqongqoshe wafika sashuthwa nezithombe naye egcekeni wathembisa ukusiyisa ezikhungweni zemfundo ephakeme. Mina ngaphasa ngo-B ovumela ukuthi ngifunde enyuvesi ngakho besenginethemba lokuthi kuzofezeka iphupho lokufundela ukuba nguthisha,” usho kanje.
Uthe ngoJanuwari kulo nyaka bathathwe yikhansela lendawo bobabili liyobazamela isikhala eMfolozi FET, eSikhaleni kodwa batshelwa ukuthi sekugcwele.
“Sesiyinhlekisa nakubantu endaweni kuthiwa “ezikaNgqongqoshe” kanti besesithembile ngoba naseSikhawini (eSikhaleni) basho ukuthi uma sifika ngohlelo lukaNgqongqoshe kuyabaphoqa ukuthi basithathe, kwagcina kungenzekanga,” kubalisa uNonhlanhla.
Uthe isimo sakubo simuncu kwazise abazali sebashona futhi akusebenzi muntu. USibiya akatholakalanga ukuze aphawule, ucingo lwakhe beluvaliwe.
Okhulumela ungqongqoshe, uMnuz Mish Molakeng uthe bayalwazi lolu daba.
Uthe ihhovisi likangqongqoshe lizimisele ngokulekelela.
Uthe bebambisene nomasipala wendawo bazoyikhokha imali yokubhalisa kulaba bafundi. Uthe bazoqala ukufunda ngoJuni kwiFET College yendawo.