BANQUNYELWE ugwayi katiki abanikazi bamatekisi KwaZulu-Natal - kumele basombulule izinkinga zabashayeli, kungenjalo bazobeka phansi izikhiye bagxobe itoyitoyi njengoba befuna ukuthi bakhokhelwe ngokwemigomo yoMnyango wezabaSebenzi.
Lokhu kushiwo ngabaholi benyunyana yabashayeli, iSouth African Public Transport Workers Union (Saptwu) abebezifikele emahhovisi eSolezwe izolo.
UNobhala wale nyunyana, uMnuz Linda Nkosi, uthe sekufike lapho bekhathala khona ngoba bayaxoxa nomqashi kodwa akayingeni eyokubalalela.
Uthe isikhalazo sabo esiseqhulwini ukuthi basebenza amahora amaningi bengaphumuli, okugcina kudala izingozi zomgwaqo.
‘’Uma kwenzeka izingozi kugxekwa abashayeli kanti nathi sisuke sihujwa ngemuva, kufuneka sibuye nemali eningi,’’ kusho uNkosi.
Uthe okunye okuyinkinga ukuthi imithetho yezabasebenzi eshaywe umnyango ayingenwa indaba yabo embonini yamatekisi, kufuneka imali phambili.
Uqhube wathi kufanele iphele indaba yokuthi umshayeli wetekisi angahlonipheki ngoba mkhulu umsebenzi awenzayo nsukuzonke.
“Singabasebenzi njengawo wonke umuntu ovuka aye emsebenzini. Kufanele sibe namahora abekiwe esiwasebenzayo,’’ kusho uNkosi.
Uthe ayikho enye indlela uma bengabanaki abaqashi, bazongena emgwaqweni.
IPhini likaSihlalo weSouth African National Taxi Council (Santaco) esifundazweni, uMnuz Bheki Mbambo, uthe kuyamethusa ukuthi sebenqunyelwa okatiki ekubeni inyunyana ingakaze ixoxe nabo. “Udaba olubalulekile lolu kodwa kuyathusa uma sekuthiwa kuzobekwa phansi amathuluzi, Abakaze balulethe ezithebeni luxoxwe kahle udaba.’’
Uthe bona bavule izandla uma kukhona inkinga ethinta abasebenzi bemboni yamatekisi wathi ngeke bayibalekele. Uqhube wathi inyunyana ithatha ngamawala uma isifuna ukumisa ukusebenza esikhundleni sokuxoxa kusombululwe izinkinga.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe umnyango uzoqhubeka nokuqinisa umthetho emgwaqweni, abashayeli abalungise izinkinga nabaqashi wathi ngeke bangene kulolu daba ngoba asikho isikhalazo esilethiwe.