UMQONDISI jikelele emnyangweni wemfundo ePhakeme, uMnuz Gwebs Qonde, uthi phansi amaphaphu kubafundi basemakolishi ama-Technical and Vocational Education and Training (TVET) abafake izicelo zokufunda ngoba bezokwamukelwa bonke nonyaka.
UQonde uthe babalelwa ku-207 000 abafundi abazobathatha nonyaka ngakho kayikho letho yokuthi bazokwamukela isibalo esincane.
Uthe labo abangazifakanga izicelo bazokwamukelwa uma sekuthathwe bonke ababhalisile. “Kunehhovisi okufakwa kulo izicelo zokufunda emakolishi nasemanyuvesi. Sizoqale sithathe labo ababefake izicelo bese uma kusala izikhala amakolishi athathe labo abame kolayini. Umkhuba wokuma kolayini ungafakanga isicelo kumele uphele ngoba abafundi bayahanjelwa ezikoleni bagqugquzelwe ukuthi bafake izicelo. Kuba nezinhlelo ngisho emsakazweni nasezikhungweni zomphakathi zokwazisa abafundi ngokubhalisa.”
Abafundi bake bakhala ngokubanjwa kwemiphumela abanye bethi ozakwabo bayitholile kodwa bona cha.
UQonde uthe imiphumela ibanjwa ngoba kunogcobho othile. Kwenziwa uphenyo uma kusolakala ukuthi abafundi bakopelile. “Kuba nanezinsolo zokuputshuka kwephepha bese siyibamba imiphumela ukuze kwenziwe uphenyo. Labo ababanjelwe kumele bahambise izikhalo zabo ukuze ilungiswe indaba yabo.”
Ikomiti lemfundo ephakeme lithe kumele zixoxe izinhlaka ezehlukene nomnyango.
USihlalo wekomiti, uNksz Connie September, uthe akumele kuvalwe izikhungo ngenxa yokungaboni ngaso linye. “Kumele ixazululwe ngokushesha inkinga ekhona kungaze kuvalwe izikhungo kuhlupheke abafundi. Ukuxoxa yikhona okuzophuma nesisombululo kunoma yiziphi izinkinga ezibhekene nezemfundo.”
Okhulumela i-DA kwezemfundo ephakeme, uDkt Belinda Bozzoli, uthe sekunesikhathi ungqongqoshe wemfundo ephakeme ezazi izinkinga ezibhekene namakolishi kodwa engenzi lutho ngazo. Kabahambisani nokuvalwa kwezikhungo ngoba kumele kuxoxwe ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni.