BEZIQINILE ezokuphepha emngcwabeni wabane kwabayisithupha abaqothwa ngenhlamvu endlini ababehleli kuyo eGeorgedale, eHammarsdale ngempelasonto edlule.
Amaphoyisa abekanise ngaphandle kweGeorgedale Community Hall, esesha zonke izimoto nabantu abebehambele umngcwabo izolo.
Izihlobo nabangani bebephume ngobuningi ukuzovalelisa okokugcina kobesolwa ngokudayisa iwunga uMnuz Siyanda Kubheka (26), umfowabo uMnuz Siphelele Kubheka (36), umshana wakhe uNksz Hlengiwe Dubazana (20) nentombi yakhe uNksz Nonhlanhla Mthalane (22). Bonke bangcwatshwe emathuneni aseMophela.
Inkonzo yomngcwabo kaMnuz Mcebisi Gondo (27) ibisekhaya, naye ungcwatshwe eMophela. UMnuz Siphamandla Mavundla (28) kulindeleke ukuthi angcwatshwe namhlanje.
Okhulumela umndeni wakwaMthalane uNkk Princess Maphumulo (54) uthe kubuhlungu uma esebona amabhokisi amane eklelile.
“Ngizwa ngivevezela ngoba ngiyazibuza ukuthi ngabe ngabantu ngempela laba abalele phakathi. Uma uNkulunkulu ubengathandi ngabe akwenzekanga. Kukho konke abakwenzile emhlabeni ngithandazela ukuthi uNkulunkulu aze akhumbule okukodwa okuhle abakwenza. Akusikho okwethu ukubahlulela. Ngizothi bahambe kahle,” kusho uNkk Maphumulo.
Uzakwabo kaNksz Dubazana obenza unyaka wokugcina ezifundweni iNational Diploma Policing eBrooklyn City College, uNksz Penelope Mbhele, uthe uNksz Dubazana bebembiza ngephara lasekilasini.
“Ubenganqeni ukufika ekilasini ngo-10 ekuseni kube sekuphele amahora amabili isikole singenile. Ubengafika kabili esontweni kodwa uma sesibhala izivivinyo asihlule sonke. Sizomkhumbula kakhulu,” kusho uNksz Mbhele.
UNksz Sinenhlanhla Dubazana obekhulumela umndeni wakwaKubheka koninalume uthe, umndeni usathuthumela.
“Laba abashonile besibathanda. Kubuhlungu ngoba ngesikhathi kwenzeke lokhu sazizwa sisodwa, kwangathi abantu abekho,” kusho uNksz Dubazana.
Ikhansela lendawo uMnuz Sibusiso Dlamini linxenxe umphakathi ukuba usebenzisane nobuholi ekulweni nesihlava sezidakamizwa endaweni yabo.
“Abantu abashonile nabenze lobu bubi ngabasendaweni. Silana nje kukhona umuntu owaziyo ukuthi bekwenze njani. Ukubambisana kuzosisiza ukuze abantu bayeke ukuthi bayesaba ukuza eGeorgedale,” kusho uDlamini.