Umbuzo wokuqala:
Sineminyaka emibili sithandana nesoka lami. Ngonyaka odlule waphelelwa umsebenzi. Bengenza konke ukuthi angasweli lutho ngesikhathi ephelelwe umsebenzi. Ngimubuzela kubantu futhi ngize ngimuzamele mina umsebenzi. Waze wagcina ewuthola ekupheleni konyaka odlule. Kwaba ukuqala kwezinkinga phakathi kwethu. Sashintsha isimo endlini, bekungathi akuyena lo engimaziyo.
Uma nje eke wahola kuba ukugcina kwami ukumbona, abuye engasenamali. Akathengi ngisho isinkwa lesi endlini. Ngiyakhathazeka kakhulu ngoba bengicabanga ukuthi ukuthola kwakhe umsebenzi kuzokwenza isimo sibesihle phakathi kwethu.
Ngenzenjani ukubuyisela izinto esimeni esejwayelekile?
Zinhle, eMandeni
Impendulo:
Kwaze kwadabukisa-ke lokhu. Impela iqiniso ukuthi ngeke uthi umuntu uyamazi.
Kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi ukuhlupheka kube nemithelela emibi kumuntu uma izinto sezihamba kahle.
Kusangenzeka ukuthi lokhu okwenziwa isoka lakho kuyadlula. Akakujwayeli ukuzimela futhi abe nemali ethi yena okwenza ukudideka kuyena. Kujwayelekile ukwenzeka lokhu.
Esikhathini esiningi uma usujwayele ukungabi nemali ukubakhona kwayo kuba inkinga.
Abanye bazebathathe izinto ngamawala. Baze bakhohlwe izinto ezibalulekile empilweni.
Hlala phansi naye umtshele ngokungaphatheki kahle kwakho. Uma ekulwisa, kuzobe kuchaza ukuthi akwenzayo ukwenza ngamabomu.
Iminyaka emibili kwabathandanayo isikhathi esanele ukubona ukuthi nikulungele yini ukushada. Ngakho kubalulekile ukulungisa izinkinga ezinjengalezi ningakazibophezeli ngomshado. Kuhle lokhu okwenzayo ukuthi mawubona izimpawu ezingezinhle ufune ukusizakala. Kukhombisa ubuhlakani obukhulu.
Zama ukukhulumisana naye. Sinethemba lokuthi uma ehlakaniphile uzoshintsha. Uma lungekho ushintsho sekuzomele wena unqume ukuthi uyafuna yini ukuphila le mpilo na?
Okuhle kodwa.
Umbuzo wesibili:
Ngingowesifazane oneminyaka ewu-30, oshadile nonabantwana ababili emshadweni. Ngiyamuthanda umyeni wami kakhulu. Uyikho konke kumina. Unothando, uyasinakekela futhi uwubaba oqotho.
Iyodwa nje vo inkinga. Akathembekile neze emshadweni wethu.
Sengimbambe izihlandla ezintathu ekhombisa ukungathembeki kumina. Njalo uma ngimbamba uyaxolisa athembise ukuthi akasoze aphinde akwenze ukungathembeki.
Ngiyamxolela njalo mangimbambile. Kodwa sekuqala ukubanzima kumina manje ukumela lesi simo. Ngizithwele, nginezinyanga eziyisithupha.
Sengiphinde ngamubamba futhi nomunye umuntu wesifazane. Angisazi ngenzenjani, noma ngithini. Sengize ngiyazenyeza ngoba angisazi ukuthi yini le emenza angathokozi ngami. Kwenziwa yini ahlale efuna abanye abantu besifazane ngikhona?
Ngisizeni. Angisazi ngenzenjani ngomyeni wami.
Igama ligodliwe, Umzinto
Impendulo:
“Kwenziwa yini ehlale efuna abanye abantu besifazane ngikhona?” Singasho singananazi ukuthi kwenziwa uwena lokhu.
Uwena omjwayezile ukuthi akulutho ukuphuma ngaphandle eshadile. Uwena omkhuthazayo ngale senzo sakhe.
Uwena omamukela ngezandla ezimhlophe njalo uma umbambile. Ukwenzelani lokhu? Uyamkhuthaza ukuthi akwenze njalo ngoba uyazi uzomxolela.
Umuntu uyena uqobo ozikhethela ukungathembeki, futhi usuke azi kahle ukuthi wenzani. Uthando akuyona imizwa. Isinqumo esibonakala ngezenzo.
Uwena onquma imihla namalanga ukumthanda ngaphezu kwezenzo zakhe ezikhombisa ukungakuthandi wena, ukungakuhloniphi, nezikhombisa ukungakhuli kwakhe.
Ngamanye amazwi ushade nengane, engazihloniphi yona. Lokhu ngazihloniphi kwayo sekwenze nawe ukuthi ungazihloniphi.
Uzizwa kanjani wena ukushada nendoda engakuhloniphi futhi engawukhathaleli umshado wayo?
Ukhe walubika nje lolu daba kwabakini, noma abangane benu nanoma ubani omunye enimhloniphayo nina nobabili?
Kubalulekile njengomuntu wesifazane ukuthi uzihloniphe ngokuthi ungabekezeleli into engekho.
Uwena okumele ubeke imibandela. Uthathe isinqumo sokuthi, sekwanele. Uzokwazi ngalelo langa ukuthi awudlali.
Ezinye zezindlela zokukhombisa uthando kwindoda engakuhloniphi ngalendlela, ukunqamula ifindo lomshado.
Okuhle kodwa!