I-ANC KwaZulu-Natal isiyenze isiphakamiso sokuthi kuhlakazwe izifundazwe zonke kuleli ngoba ikholwa wukuthi kuwukumosha imali kahulumeni ukuba khona kwazo.
UKhongolose eKZN uthe lo mbono uzowuveza engqungqutheleni yeqembu kazwelonke yokuxoxa ngemigomo ezoba ngoJuni. Umfelandawonye wezinyunyana iCosatu uwunanele lo mbono wathi uzosilekelela lesi sifundazwe engqungqutheleni ekuzwakaliseni lo mbono.
UNobhala kaKhongolose esifundazweni, uMnuz Super Zuma, uthe noma kanjani umbono uzoba seqhulwini engqungqutheleni.
‘’UKhongolose ukholwa wukuthi kufanele sibe nohulumeni omkhulu kazwelonke, nohulumeni basekhaya abasondelene nabantu,’’ usho kanje
Uthe kufanele kushintshwe ongqongqoshe bezifundazwe babe yizimeya ukuze basebenzize amava abo komasipala.
‘’Sizonxusa nezinye izifundazwe ukuba zisisekele, okwamanje sisayixoxa emagatsheni ethu,” kusho uZuma.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Protas Madlala, uthe ngabe kuyezwakala ukuba uKhongolose unciphisa isibalo sezifundazwe hhayi ukuziqeda.
Ngakolunye uhlangothi uSihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala, uthe akayiboni kahle eyokuhlakazwa kwezifundazwe ngoba kuzocindeza omasipala abavele bethwele kanzima kumanje.
‘’Kungenzeka kanjani ukuthi umsebenzi wesifundazwe wenziwe wumkhandlu, kuchaza ukuthi leyo mikhandlu ingawa bhu phansi ngoba iyobe ithwele kanzima.’’