I-ANC ePhalamende ithi obenguSihlalo webhodi yakwa-Eskom uDkt Ben Ngubane ubalekele imisebenzi yakhe njengoba esule isigubhukane.
Izindaba zokwesula kukaNgubane zizwakale ngoMsombuluko ebusuku.
USotshwebhu we-ANC ezindabeni ezithinta amabhizinisi kahulumeni, uNkk Zukiswa Rantho uthe uNgubane njengo Sihlalo webhodi uyena obesekhaleni lezinhlelo eziholele ekutheni kuguqulwe isinqumo sokuqasha kabusha uMnuz Brian Molefe kwa-Eskom.
"Phezu kwalokho ikomiti lamabhizinisi kahulumeni ePhalamende belithumele inqwaba yemibuzo obekusamele iphendulwe, isikhathi nezizathu zokwesula kwakhe ziyamangaza futhi ziyasolisa," kusho uRantho