I-DA KwaZulu-Natal inxuse abantu ukuba bayivotele ikhiphe i-ANC kuhulumeni ukuze ishintshe impilo yabo.
Ibihlangene nabalandeli bayo eTruro Hall, eMgungundlovu, lapho yethule khona izinhlelo zayo namasu angashintsha impilo yabantu baKwaZulu-Natal.
Umholi we-DA esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, ukhwele wadilika kuhulumeni we-ANC wathi udlala ngemizwa yabantu ngokwenza izethembiso ungazigcini.
“I-ANC ihlale yenza izethembiso kodwa ingazifezi, manje isikhuluma ngendaba yokushintsha izisekelo zomnotho, lokhu ikwenze ngemuva kokuthi ilahlekelwe yimikhandlu emikhulu iTshwane, Joburg neNelson Mandela Bay ngokhetho lwezindawo nyakenye,” kusho uRodgers.
Uthe abukho ubuholi KwaZulu-Natal, wanxusa abantu besifundazwwe ukuba bavotele i-DA.
“Sinenkinga lapha KwaZulu-Natal, ubuholi abukho. SinoNdunankulu okhona ehhovisi kodwa kwesinye isikhathi akekho kanti futhi noSihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala, akathembekile, uhambe wayokhuluma kwithelevishini into engekho ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano ne-SONA ePhalamende ethi uphuma esifundazweni esihlale sithole imibiko ehlanzekile kuMncwaningi-Mabhuku,” kusho uRodgers.
Uthe kuyiphutha lokhu okushiwo nguZikalala ngoba ngesabelo-mali sika-2014/15 yaba wu-30% imikhandlu eyatholea imibiko ehlanzekile kuMncwaningi-Mabhuku, kwathi ngesika-2015/16, yaba wu-33%.
“Ngicabanga ukuthi uZikalala uphambanise i-KZN ne-Western Cape eholwa yi-DA lapho imikhandlu ithole khona u-73% wemibiko emihle kuMncwaningi-Mabhuku kwathi iminyango kahulumeni yakhona yathola 79%,” kusho uRodgers.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe abakugqiziqakala lokhu okushiwo yi-DA kodwa bazoyiphendula ngoba ikhuluma ngegama lombutho.
UNtuli uthe akusilo iqiniso ukuthi i-ANC ayinabo ubuholi ngoba ukube abukho ngabe ayiyibuyisanga imikhandlu ebiyihola iphinde yengeze ngeminye ngemuva kokhetho lwezindawo nyakenye.
Uthe kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi siyakhulu isibalo semikhandlu ethola imibiko emihle kuMncwaningi-Mabhuku.
URodgers uthe yonke indawo lapho kuphethe khona bona kunoshintsho.
Uthe uma bengabusa KwaZulu-Natal bangafike banciphise izinkampani zikahulumeni wesifundazwe eziwu-12 zibe nhlanu, wengeza ngokuthi lokhu kungonga * -R22 million.
Uthe okunye abangakwenza wukuqeda uhlelo loMnyango wezeMpilo lokuhambisa labo abafundela ubudokotela eCuba.
URodgers uthe lolu hlelo lunezinkinga eziningi kanti lumosha imali.
“Okunye esingakwenza yisiqiniseko sokuthi uMnyango wezeMfundo uthola isabelo esikhulu sezimali. Kuyishwa ukuthi ngemuva kweminyaka ewu-23 izwe libuswa ngentando yabantu kodwa isifundazwe sisahluleka wukuphasa ngamalengiso kwa-matric,” usho kanje.
Uthe bafuna futhi ukusebenzisana neSilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini, ngenhloso yokuthi basisize sikwazi ukuzenzela imali, singathembeli kuhulumeni.
“Eminyakeni eyedlule kuke kwakhona ukungaboni ngaso linye phakathi kweSilo nohulumeni. Lokho kungagwemeka ngokuthi kuqiniswe izindawo zamagugu zesifundazwe ezingasiza ekutheni iMbube ikwazi ukuzenzela inzuzo,” kusho uRodgers.
Umholi we-DA KwaZulu-Natal uthe olunye udaba alubhekayo yindaba lokubuyiselwa komhlaba kubantu.
Uthe bayaliseka ikhwelo leSilo elithi abantu abahlala ezabelwane kumele bathole amatayitela.
UMncwango uphinde waxolisa eSilweni ngokuthi bethule uhlelo lwabo lokutakula isifundazwe ngaphambi kokuthi ivule isiShayamthetho.
Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana Thulani Zulu, unqabile ukuphawula wathi abaphenduli ezintweni abazizwa ngabantu.
“Akukwazi ukuthi ungafike ungixoxele ukuthi i-DA ithini ingazange ize kuthina izoxoxa nathi bese ngivele ngiphawule bume,” kusho uZulu.