I-EFF isabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho uSomlomo wePhalamende likazwelonke uNkk Baleka Mbete uma engavumi ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo evotini lango-Agasti njengoba amaqembu aphikisayo eseveze ukuthi awasabuthembi ubuholi bukaMengameli uJacob Zuma.
UNkk Mbete kulindeleke ukuthi amemezele maduze ukuthi uzowavumela yini amalungu ePhalamende ukuthi avote ngokuyimfihlo ngo-Agasti 8.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe kuyabacacela ukuthi uMbete ngeke avume kuvotwe ngokuyimfihlo ngoba unovalo lokuthi amanye amalungu e-ANC azobadayisa.
“Ngitshele abameli ukuthi baqale bebe belungisa amaphepha ngoba kuyacaca ngeke avume kuvotwe ngokuyimfihlo. Utshele amanye amalungu e-ANC ukuthi ngeke avume ngoba kukhona amalungu abanye babo angabethembi,” kusho uMalema.
Uthe uqinisile ngoba uma ngempela bevota ngonembeza wabo ngeke bamvotele uZuma.
UMalema uveze ukuthi kukhona amalungu ePhalamende e-ANC aveze ukuthi azoseka amaqembu aphikisayo uma leli voti eliyimfihlo liphumelela.
“Ngikhulume namalungu e-ANC ePhalamende angu-60 angihlebele ukuthi azomchitha uZuma uma sekuvotwa, bathi bamfuna ehambile,” kusho uMalema.
Esitatimendeni sikaMbete ucele amaqembu aphikisayo ayeke ukumshusha njengoba iNkantolo yoMthetho-Sisekelo ayizange imkalele isikhathi sokuthi asikhiphe nini isinqumo.