IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede ithi ayizwani nabafuna umsebenzi kumasipala ngendlovuyangena kodwa ifuna wonke umuntu alandele umthetho ukuze ahlomule ezinhlelweni zikamasipala.
UNkk Gumede usho kanje ngesikhathi ethula iRadical Economic Transformation Framework okuwuhlelo oluzoqinisekisa ukuthi bonke abantu baseThekwini bayahlomula ezinhlelweni zentuthuko ezenzeka ezindaweni abahlala kuzo.
“Sibonile ukuthi kunabantu abafuna umsebenzi ngendlovuyangena, asihambisani nalokho. Esikutholile wukuthi laba bantu benza lokhu ngoba bezibona sengathi abanakiwe. Manje size nohlelo oluzoqinisekisa ukuthi abantu baseThekwini bayahlomula ngemisebenzi namathuba ebhizinisi ezinhlelweni zentuthuko.”
Uthe iRadical Economic Transformation Framework ayibhekelele iDelangokubona nezinhlangano ezifuna ukuqashwa ngenkani kodwa ngeyabo bonke abantu baseThekwini.
“Sekuyisikhathi sokuthi umnotho uphathwe yizo zonke izinhlanga, siphelile isikhathi sokuthi abantu bakithi basale bengenalutho yize izwe selikhululekile. Sekuyimpoqo ukuthi uhlelo lwentuthuko olubiza u-R30million lusize umphakathi njengoba u-30% walo kufanele ubekelwe iCommunity Participation Groups (CPG’s).”
Uthe uhlelo lwentuthuko olubiza phakathi kuka-R5million no-R30million kufanele lube nosonkontileka abancane abenza u-30% abasuka ewadini okwenzeka kuyo intuthuko futhi kuqashwe nabantu bendawo. “Uma sithola ukuthi umphakathi wendawo awunawo amakhono adingekayo sizodlulela kwamanye amawadi kodwa asikho isidingo sokuthi kuqashwe abantu bakwezinye izindawo uma umsebenzi ungadingi amakhono athile. Umsebenzi wokugunda utshani, owokudlokodla izitamkoko awudingi amakhono athile ngakho kufanele unikwe amabhizinisi emifelandawonye nabantu bendawo.”
Uthe bazobhekelela kakhulu abantu abakhubazekile, intsha, abesifazane nama-military veterans.
Mayelana nodaba lokugcwala kwamaphara eThekwini nokuthutha kwezinkampani ezinkulu enkabeni yeTheku, uNkk Gumede uthe kunohlelo abanalo oluzoqinisekisa ukuthi amaphara awagangi kodwa ayasebenza.
Amazwi akhe enanelwe nguNkk Dumile Cele oyisikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry oveze ukuthi amaphara nabantu abahlala emgwaqeni bazohlonyiswa ngamakhono kube yibona abahlanza idolobha ukuze bakwazi ukuziphilisa.
Uthe banohlelo lokulwa nobugebengu enkabeni yeTheku abalwenza bengosomabhizinisi ngokubambisana nomasipala.
“Osomabhizinisi bayalithanda iTheku ngoba yidolobha labo nabo ngakho ukuze liqhubeke nokuheha abatshalizimali sinohlelo lokulwisana nobugebengu. Siyajabula ukuthi kunohlelo lweRadical Economic Transformation oluhlanganisa osomabhizinisi nohulumeni ukuze wonke umuntu ezohlomula kwezomnotho,” kusho uNkk Cele.
Uhlelo lweRadical Economic Transformation lwemukelwe ngezandla ezimhlophe nayiKZN Growth Coalition njengoba uSihlalo wayo uMnuz Moses Tembe ethe bayalweseka ngoba luzoqeda ubuphofu eThekwini.