I-NFP ifunga iyagomela ukuthi izolinqoba ukhetho lwezindawo kuMasipala waseNquthu.
Ibamba likaSihlalo weNFP kuzwelonke, uMnuz Bheki Gumbi uthe bazimisele ngokulinqoba ukhetho lwaseNquthu kumnyama kubomvu.
"Uma singanqobanga ithina esizobeka inkosi kumkhandlu waseNquthu," kusho uGumbi.
Uthe bazolungenela kuwona wonke ama-ward angu-17, ukhetho lwaseNquthu njengoba ngeledlule, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube esifundazweni ehlakaze umkhandlu wathi kumele kuqalwe phansi ukhetho.