IPHINI likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, lithe uhlelo lokuguqula izisekelo zomnotho aludinge kuxoxwa kakhulu kodwa kumele luqhutshwe ngokushesha.
Ethula inkulumo emcimbini obuhlelwe yiBlack Business Council eSandton, eGoli, izolo ebusuku uRamaphosa uthe: “Ngenhlanhla abanye benu bahlala ezinhlakeni ze-ANC ngakho bazoba yingxenye yengqungquthela yemigomo.”
URamaphosa unxuse osomabhizinisi abamnyama ukuba babhukule, balungise umnotho wezwe ngemuva kokuthi elakuleli likleliswe namazwe angathembekile kubatshalizimali.
Uthe kumele elakuleli livume ukuthi lisezinkingeni kwezomnotho, wengeza ngokuthi basezinhlelweni zokusungula ithimba eliyisiphesheli elizobheka isimo somnotho ngokushesha.
Uqhube wathi lapha eNingizimu Afrika ikhona intuthuko futhi kunethemba lokuthi izingqinamba ezikhona kwezomnotho zizonqotshwa.
“Ukukleliswa kweNingizimu Afrika namazwe angathembekile kubatshalizimali kufake izwe ngaphansi kwengcindezi, ngakho kumele osomabhizinisi abamnyama baqhamuke nesixazululo.”
Uthe njengoba uNgqongqoshe weziMali uMnuz Malusi Gigaba ese-USA uyochazela abatshalizimali ngesimo sezwe nangemizamo eyenziwayo ukulungisa okungahambi kahle.
Uqhube ngokuthi leli selibe nempumelelo enkulu kusukela laqala ukuphathwa ngokwentando yabantu.
Uthe bewuhulumeni bazimisele ngokubambisana nosomabhizinisi abamnyama ukulungisa isimo somnotho wezwe.
“Sifuna ukubona usomabhizinisi abamnyama bekhula beyeka ukuba namasheya amancane ezinkampanani kodwa kube yibo abanamasheya amaningi.”
Ugcizelele ukuthi akumele kuvunyelwe ukuthi amabhizinisi kahulumeni alawulwe yidlanzana elizicebisayo.