KUNGAKAPHOLI maseko umndeni ungcwabe ilungu lawo, usulungiselela omunye umngcwabo ngemuva kokuthi kudutshulwe elinye ilungu lawo eliyiphoyisa lashona kade lijaha izigebengu ebezibamba inkunzi egaraji eBluff, eThekwini.
UConstable Qhamuka Thomas Kwela (37) obesebenza esiteshini saseBrighton Beach, udutshulwe ekhanda egaraji lakaShell ku-Edwin Swales Drive eBluff.
Ngokombiko wamaphoyisa umufi nozakwabo kade beqaphe isimo kule ndawo ngesikhathi abasebenzi basegaraji becela usizo.
Bathe uma beya egaraji amadoda amane avulela ngenhlamvu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe indoda eyodwa iboshiwe.
“Umufi udutshulwe ekhanda, washona. Indoda eyodwa iboshiwe, kwatholwa nesibhamu esiyi-9mm pistol kuyo. Amaphoyisa asafuna abanye abasolwa,” kusho uZwane.
Indoda eboshiwe izobhekana necala lokubamba inkunzi nelokuzama ukubulala. Izovela enkantolo maduze.
Amanye amadoda abaleke nemali nogwayi, amaphoyisa ayawathungatha.
Unina wephoyisa elibulewe ose-Tafelkop, uNkk Phumlaphi Kwela, uhlulekile nokukhuluma ngenxa yokuphatheka kabi izolo.
Umfowabo kamufi alamana naye, uMnuz Khumbulani Kwela, uthe abakukholwa okwenzekile ngoba bebesanda kufihla umfowabo.
“Umfowethu ngimgcine ngeSonto singcwaba omunye umfowethu ogulile. Siphatheke kabuhlungu siwumndeni. Umfowethu ubewuthanda kakhulu umsebenzi wakhe. Ubeneminyaka eyisithupha esebenzela umbutho wamaphoyisa. Wayeka emasosheni esezoba yiphoyisa,” kusho uKwela.
Uthe umufi ubengathathile.
Uthe ubewusizo kakhulu ekhaya nasemphakathini.
Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ukugxekile ukubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini. Uthe abasolwa bazoboshwa bese bayajeziswa ngesenzo sabo.