KUXABENE ubendle emalungwini ebandla iSt Augustine’s Anglican Church, eMlaza kubangwa imali okuthiwa inikelelwe kuleli bandla yisikhwama senjinga yakuleli uMnuz Patrice Motsepe, iMotsepe Foundation.
Elinye lamalungu aleli bandla lipotshozele leli phephandaba ukuthi kunemali engu-R150 000 enikelelwe yile nhlangano esikhwameni sebandla sokusiza izinhlelo zezalukazi zebandla okuthiwa Ubhavu.
Lesi sikhwama ngokusho kwaleli lungu lebandla eliyingxenye yaso, sisiza abadala bebandla ukuba bazithengele imishini yokuthunga. Baphinde bathenge izindwangu abazisebenzisayo uma bethunga.
Kuthiwa imali yalesi sikhwama iphinda isize abantu abampofu ebandleni nasemphakathini ngokuthi ibaphekele ukudla, bafike bazokudla esontweni.
Leli lungu lebandla lithe: “Ithe ingafika le mali, kwase kugxambukela amagosa ebandla angahlangene nayo, athi kumele icazwe kathathu. Asefuna ukuyidla ngoba phela ayihlangene nemali yesonto.”
Lo mthombo uthe imali yesonto okuwumnikelo wokweshumi abawukhokhayo, iyaziwa ukuthi yiyo esetshenziselwa izidingo zebandla, kayihlangene neyezalukazi nabampofu.
“Okungenani ingamane ibuyiselwe emuva ngoba isiqalile ukudala uqhekeko ebandleni,” kubalisa umthombo.
Le mali okuthiwa ingene kwi-akhawunti yalesi sikhwama ekupheleni kukaNovemba nyakenye, kubikwa ukuthi sekuhlale kuba nemihlangano eshubile kuleli bandla kuzanywa ukuthola isixazululo salolu daba.
Umhlangano wokugcina kuthiwa ubungoJanawari 8 kodwa awuphumanga nasixazululo ngaphandle kokuphakama kwemimoya kungavunyelwana ngendlela le mali okumele isetshenziswe ngayo.
“Manje sesitshelwa ukuthi le mali isizosetshenziselwa ukuthenga izigingci nama-organ esonto ekubeni ikhona imali ebhekene nalokho ebandleni. Sebefuna ukuyidla, akukho okunye,” kubalisa umthombo.
UMfundisi Thembinkosi Joseph Gumede ophethe kuleli bandla, ugxeke abantu ababike lolu daba ephephandabeni, wathi zikhona izinhlelo zangaphakathi okumele ukuba ngabe bazisebenzisile uma benganelisekile ngokuthile.
“Ngeke ngisho ukuthi le mali ikhona noma ayikho. Ngizocela ukungasho lutho okwamanje ngoba ikhona imihlangano okuxazululwa khona izinto zebandla,” kusho uGumede.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengatholakalanga abakhulumela iMotsepe Foundation.