KUBUYE ithemba kwabakwa-SABC kuqokwa ibhodi lesikhashana njengoba kuvele ukuthi le nhlangano ayinayo imali yokuthenga izinhlelo ezintsha.
NgeSonto uMengameli Jacob Zuma umemezele ibhodi elisha lesikhashana kwa-SABC elibunjwe ngoNkk Khanyisile Kweyama onguSihlalo, iPhini lakhe elingumakadebona kwezobuntatheli uMnuz Mathatha Tsedu namalungu oNkk Febe Potgieter-Gqubule, Mnuz Krish Naidoo noMnuz John Matisonn.
UNksz Renee Williams oyiGeneral Manager TV Content kwa-SABC uthe ukuqokwa kwebhodi elisha kuzobasiza kakhulu ekuletheni ezinhlelo ezintsha kuthelevishini nokuqinisekisa ukuthi abadidiyeli bezinhlelo ezikhona njengamanje bayakhokhelwa.
UNksz Williams uthe kuyiqiniso ukuthi i-SABC inenkinga yemali njengazozonke izinhlangano futhi sebeqalile ukwenza izinhlelo zokuheha abatshalimali ngoba isimo sinzima.
UNksz Williams ubekhuluma engqungqutheleni iKwaZulu-Natal Film Industry Indaba eyenziwe yiKwaZulu-Natal Film Commission, eGreyville, eThekwini.
Uthe njengoba abantu bengaziboni kakhulu izinhlelo ezintsha eziteshini zakwa-SABC kungenxa yenkinga yemali.
“Siyathemba ukuthi ukuqokwa kwebhodi elisha kuzoshintsha isimo ngoba kuzobuya ithemba kubakhangisi nakubatshalizimali. Ibhodi elisha lizothatha izinqumo ngokushesha futhi kuzoba noshintsho masishane,” kusho uNksz Williams.
Uthe imali ayingeni ezinkampanini eziningi eNingizimu Afrika ngenxa yokufadalala komnotho okwenza abakhangisi bangazifaki izikhangiso kuthelevishini.
“Uma sifuna ukufaka izinhlelo ezididiyelwe kuleli kufanele size nezindlela ezintsha ezizongenisa imali ukuze kukhokhelwe abazikhiqizayo. Siyazidinga izihlelo ezidiyelwe kuleli kanti kuyimanje sinezicelo ezingu-800 zabadidiyeli,” kusho uNksz Williams.
Ugqugquzele abadidiyeli bezinhlelo zethelevishini namafilimu ukuthi bangadikibali baqhubeke nokukhiqiza izinhlelo ezizothokozelwa ngabantu kuleli.
Uveze ukuthi Uzalo, Generations, Skeem Sam noMuvhango yizona zinhlelo ezinababukeli abaningi futhi ezinabakhangisi abaningi.
Uthe imidlalo ewuchungechunge iyaphinda ngempelasonto ukuze kunikezwe ithuba labo babukeli abangakwazi ukuyibuka phakathi nezinsuku.
Ezinhlelweni zobuchwepheshe besimanje uthe benze inzuzo ka-R2million kuphela ngenxa yokuthi izinhlelo zabo azingenisile kwi-internet.